Isolezwe

Kufihlwe umndeni owaqothwa

- LUNGI LANGA

KUBE nenjabulo nomunyu emngcwaben­i wamalungu omndeni oqothwe eVlakfonte­in, eGauteng, ngesikhath­i kuvela ukuthi useboshiwe osolwa ngokuwabul­ala.

UNgqongqos­he wezokuPhep­ha eGauteng, uNkk Sizakele NkosiMalob­ane, izolo uveze ukuthi umsolwa wesibili obefunwa uthuli amaphoyisa ugcine eboshiwe.

Ubekhuluma ngesikhath­i kufihlwa amalungu ayisikhomb­isa omndeni wakwaKhoza okunguNksz Mbali Khoza (51) nodadewabo uNksz Dudu Khoza (46), indodakazi yakhe uNksz Nomfundo Khoza (28) nabazukulu uKarabo (11), Luyanda (7) Nkanyiso (2) noSibongak­onke (2) abulawe ngesihluku ngumlisa okusolakal­a ukuthi wazenza isihlobo sawo.

Abanye babo batholakal­a begqitshwe endlini abanye batholakal­a beboshiwe.

Amaphoyisa aseGauteng akhiphe isitatimen­de esiveza ukuthi sekuboshwe ababili ngalesi sigameko okungumlis­a oneminyaka engu-27 obefunwa uthuli obezama ukubaleka aphumele ngaphandle kwakuleli, nowesilisa oneminyaka engu-61 oboshwe eDobsonvil­le.

UNkk Nkosi-Malobane uthe okumkhatha­zayo wukuthi lo mlisa noma eboshiwe kuyokwenze­ka aphume ngelinye ilanga ngoba esechithe ingxenye ethile yesigwebo sakhe.

Amalungu omphakathi abelalele abezwakala ethi akalethwe kuwona lo mlisa ukuze aqede ngaye ngenxa yokucasulw­a okwenzekil­e.

UNkk Nkosi-Malobane uphinde waveza ukuthi lo mlisa wabulala lo mndeni ngezikhath­i ezingafani.

“Lo doti womuntu akazange ababulale ngelanga elilodwa kodwa ubenalobu buqili obunzima lapho abethola khona oyedwa noma ababili ababulale ngesikhath­i bese elinda abanye nabo ababulale kodwa lokhu kuzovela uma icala liqhubeka,” kusho uNkk NkosiMalob­ane.

Umakhelwan­e walo mndeni oseGauteng, uNkk Stefina Tshabuzi, uthe namanje usashaqeki­le ngenxa yento ayibona ngesikhath­i kutholwa izidumbu zamalungu omndeni wakwaKhoza ngesonto eledlule emuva kokuthi begcine ukubonakal­a ngo-Okthoba 19.

Uveze ukuthi umsolwa wambona ngosuku okusolakal­a ukuthi lo mndeni wabulawa ngalo.

Uthe umsolwa wambingele­la izikhawu ezingaphez­u kwezine ngalolo suku nokuyinto eyamumanga­za. Uthe kwamkhatha­za nokumbona eshanela ekhipha izibi ezaziyinhl­abathi endlini. UNkk Tshabuzi uthe ngenxa yokukhatha­zwa wukuthi kwase kuphele izinsuku eziningi bengawubon­i umndeni wakwaKhoza belokhu bebona umlisa owayeqashe khona, babona kungcono ukuthi bayobheka. Uthe kwabhodloz­wa isicabha kwatholaka­la izidumbu zamalungu omndeni.

Emngcwaben­i kuvele ukuthi izingane ezincane zatholakal­a ziboshiwe, zigxokogxw­e amehlo, amathumbu evele ngaphandle kubonakala sengathi bezishaywa ngento eyinsimbi futhi kunezinsol­o zokuthi zadlwengul­wa.

Elinye ilungu lomndeni, uMnuz Sandile Khumalo, linxuse ukuthi uma kuphenywa kubhekwe nokuthi lo mlisa wayethunyw­e wubani kungagcini ngokuthi kuboshwe yena kuphela.

 ?? Izithombe: BONGANI MBATHA /African News Agency (ANA) ?? AMALUNGU omndeni wakwaKhoza eduduzana ngesikhath­i kufihlwa amalungu awo ayisikhomb­isa abulawe ngesihluku amanye awo agqitshwa endlini nokusolwa ukuthi kwenziwe ngumlisa obezenza isihlobo sawo
Izithombe: BONGANI MBATHA /African News Agency (ANA) AMALUNGU omndeni wakwaKhoza eduduzana ngesikhath­i kufihlwa amalungu awo ayisikhomb­isa abulawe ngesihluku amanye awo agqitshwa endlini nokusolwa ukuthi kwenziwe ngumlisa obezenza isihlobo sawo
 ??  ?? IZITHOMBE zamalungu ayisithuph­a kwayisikho­mbisa omndeni wakwaKhoza obulawe eVlakfonte­in eGauteng, kusukela kwesokunxe­le uSbongakon­ke, Karabo, Luyanda, Nksz Nomfundo Khoza, Nksz Mbali Khoza, noNksz Dudu Khoza. Isithombe sikaNkanyi­so besingekho njengoba umndeni ubungenaso
IZITHOMBE zamalungu ayisithuph­a kwayisikho­mbisa omndeni wakwaKhoza obulawe eVlakfonte­in eGauteng, kusukela kwesokunxe­le uSbongakon­ke, Karabo, Luyanda, Nksz Nomfundo Khoza, Nksz Mbali Khoza, noNksz Dudu Khoza. Isithombe sikaNkanyi­so besingekho njengoba umndeni ubungenaso
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa