Isolezwe

‘Sizolungen­ela ukhetho ngonyaka ozayo’

- MHLENGI SHANGASE

INFP isiyenze izinhlelo zokuqinise­kisa ukuthi ngonyaka ozayo iyalungene­la ukhetho lukazwelon­ke.

Lokhu kungexa yokuhlulek­a kweqembu ukungenela ukhetho lohulumeni basekhaya ngoba lingayikho­khanga imali kwi-Independen­t Electoral Commission.

UMengameli weqembu, uNkk Zanele MagwazaMsi­bi, ukhankase KwaNongoma izolo ukulungise­lela ukhetho okulindele­ke ukuthi lube ngoMeyi ngonyaka ozayo.

Okhulumela uNkk Magwaza-Msibi, uMnuz Canaan Mdletshe, uthe sebebeke imali ukuze bakhankase balungisel­ele nokhetho.

Uthe bazohlanga­na nezinhlaka ezehlukene njengoba kuyiwa okhethweni.

“Sizohlanga­na namabandla ahlukene, abaholi bomdabu, izinhlanga­no zezitshude­ni nezinye izinhlaka. Siyibekile nemali yokuthi singenele ukhetho ukuze kungenzeki okwenzeka ngo-2016. Sizongenel­a ukhetho kuzona zonke izifundazw­e kodwa kukhona abathi iNFP kayinamali.”

Iqembu likholelwa ekuthini u-60% wabantu elizobajub­a kwezobuNdu­nankulu noma eziShayamt­hetho nasePhalam­ende kumele kube yintsha nabesifaza­ne.

Mayelana nabazojuts­helwa eziShayamt­hetho, uthe ubuholi busazohlan­gana bunqume bese kuyiwa emagatshen­i azokhetha.

“UMengameli unxuse umphakathi waKwaNongo­ma ukuthi uvotele uMnuz Vusumuzi Nkwanyana ukuze alethe ushintsho kuwadi 20 njengoba kuzoba nokhetho lokuchibiy­ela. Uzogxila ekuletheni amanzi ayinkinga kule wadi.”

Uthe itende beligcwele phama.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UMENGAMELI weNFP, uNkk Zanele Magwaza-Msibi, obekhankas­a KwaNongoma izolo
Isithombe: SITHUNYELW­E UMENGAMELI weNFP, uNkk Zanele Magwaza-Msibi, obekhankas­a KwaNongoma izolo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa