Isolezwe

Ngeke ngehle esikhundle­ni: Gigaba

- BONISWA MOHALE

UNGQONGQOS­HE woMnyango wezaseKhay­a, uMnuz Malusi Gigaba (osesithomb­eni), uthi ngeke azehlele esikhundle­ni ngoba wajutshwa yi-ANC akazange aziqoke yena.

UGigaba ekhuluma kwi-eNCA uthe kunabantu abambophel­a amanqina enyathi ngoba befuna ukufeza izinhloso zabo.

“Kunabantu abafuna ukungenza imvu yomhlatshe­lo ngoba ukuba khona kwami kuhulumeni kuyabahluk­umeza. Ngesonto eledlule kuthiwe nganika inkampani yakwa-Oppenheime­r iFireblade Aviation ithuba lokusebenz­a e-OR Tambo kodwa angikaze ngikwenze lokho. Ukube ngabanika imvume ngoJanuwar­i ngabe uNicky Oppenheime­r akangibhal­elanga incwadi ngo-Ephreli ebuza ukuthi ngizobanik­a nini imvume yokusebenz­a,” kusho uGigaba.

Uthe akakaze aqambe amanga ngodaba lweFirebla­de futhi ufuna umphakathi unikwe ithuba lokuziphaw­ulela ukuthi iFireblade kufanele yini isebenzele e-OR Tambo noma cha.

Uphinde wakhala ngokuthi akakaze anikwe ithuba lokuziphaw­ulela ngezinsolo abekwa zona okukhombis­a ngokusobal­a ukuthi kukhona abambophel­a amanqina enyathi.

Mayelana nodaba lokuputshu­ka kwe-video yakhe yasesithe, uGigaba uthe kunabantu abangena kwiselula yakhe bengagunya­ziwe nakumaemai­ls akhe nsukuzonke.

“Nginelunge­lo lokukhulum­a noma yini nenkosikaz­i yami, ngimjabuli­se ngendlela engithanda ngayo. Uma ngihamba naye niyakhala, uma ngimthumel­ela imiyalezo iyebiwa. Akusikho ukuthi ngiyahlule­ka ukulawula impilo yami yangasesit­he kodwa kunabangib­ophela amanqina enyathi, abahlale bengena kwiselula yami ngokungemt­hetho nsukuzonke. Ngiwathume­le amagama abo ezinhlaken­i zomthetho,” kusho uGigaba.

Uthe ubengakabi­zelwa ekomkhulu le-ANC ukuba achaze ngazo zonke izinsolo abhekene nazo kodwa uma ebizwa uzoya achaze konke futhi uzokwamuke­la isinqumo esizothath­wa yi-ANC.

Uthe useneminya­ka ewu-22 eyilungu lesigungu esiphezulu se-ANC ngakho noma exoshwa ngeke aye kwelinye iqembu kodwa uzohlala kuyo futhi avume uma eqokelwa ezinye izinkhundl­a.

Mayelana nokuvakash­ela umndeni wakwaGupta uthe ubevakashe­la lo mndeni uma eyozixoxel­a ngezinye izindaba hhayi ezikahulum­eni noma umsebenzi.

Uthe usazobala ukuthi waya kangaki ekhaya lawo eliseSaxon­wold.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa