Ngeke ngehle esikhundleni: Gigaba
UNGQONGQOSHE woMnyango wezaseKhaya, uMnuz Malusi Gigaba (osesithombeni), uthi ngeke azehlele esikhundleni ngoba wajutshwa yi-ANC akazange aziqoke yena.
UGigaba ekhuluma kwi-eNCA uthe kunabantu abambophela amanqina enyathi ngoba befuna ukufeza izinhloso zabo.
“Kunabantu abafuna ukungenza imvu yomhlatshelo ngoba ukuba khona kwami kuhulumeni kuyabahlukumeza. Ngesonto eledlule kuthiwe nganika inkampani yakwa-Oppenheimer iFireblade Aviation ithuba lokusebenza e-OR Tambo kodwa angikaze ngikwenze lokho. Ukube ngabanika imvume ngoJanuwari ngabe uNicky Oppenheimer akangibhalelanga incwadi ngo-Ephreli ebuza ukuthi ngizobanika nini imvume yokusebenza,” kusho uGigaba.
Uthe akakaze aqambe amanga ngodaba lweFireblade futhi ufuna umphakathi unikwe ithuba lokuziphawulela ukuthi iFireblade kufanele yini isebenzele e-OR Tambo noma cha.
Uphinde wakhala ngokuthi akakaze anikwe ithuba lokuziphawulela ngezinsolo abekwa zona okukhombisa ngokusobala ukuthi kukhona abambophela amanqina enyathi.
Mayelana nodaba lokuputshuka kwe-video yakhe yasesithe, uGigaba uthe kunabantu abangena kwiselula yakhe bengagunyaziwe nakumaemails akhe nsukuzonke.
“Nginelungelo lokukhuluma noma yini nenkosikazi yami, ngimjabulise ngendlela engithanda ngayo. Uma ngihamba naye niyakhala, uma ngimthumelela imiyalezo iyebiwa. Akusikho ukuthi ngiyahluleka ukulawula impilo yami yangasesithe kodwa kunabangibophela amanqina enyathi, abahlale bengena kwiselula yami ngokungemthetho nsukuzonke. Ngiwathumele amagama abo ezinhlakeni zomthetho,” kusho uGigaba.
Uthe ubengakabizelwa ekomkhulu le-ANC ukuba achaze ngazo zonke izinsolo abhekene nazo kodwa uma ebizwa uzoya achaze konke futhi uzokwamukela isinqumo esizothathwa yi-ANC.
Uthe useneminyaka ewu-22 eyilungu lesigungu esiphezulu se-ANC ngakho noma exoshwa ngeke aye kwelinye iqembu kodwa uzohlala kuyo futhi avume uma eqokelwa ezinye izinkhundla.
Mayelana nokuvakashela umndeni wakwaGupta uthe ubevakashela lo mndeni uma eyozixoxela ngezinye izindaba hhayi ezikahulumeni noma umsebenzi.
Uthe usazobala ukuthi waya kangaki ekhaya lawo eliseSaxonwold.