Isolezwe

Kubhekwe isinyathel­o sikaDe Lille

- BONISWA MOHALE

ANGASE asungule iqembu lakhe lezepoliti­ki uNkk Patricia De Lille osule kwiDA ngesonto eledlule ngesikhath­i esephuma esikhundle­ni sakhe sokuba yiMeya kaMasipala waseCape Town.

UNkk De Lille uthe uzocacisa kuleli sonto ngezinhlel­o zekusasa lakhe kodwa kunamahleb­ezi aqinile okuthi uzosungula iqembu lakhe namakhanse­la asule kwiDA ngesonto eledlule.

Ngesikhath­i esula kwiDA, uNkk De Lille uthe uzizwa ekhululeki­le kwingcinde­zelo akade engaphansi kwayo ngoba ubengakwaz­i ukusiza abantu ngempilo engcono.

“Ngikhulule­kile ekugcineni, indlela engizizwa ngayo ifana naleya yokuvota okokuqala ngo-1994 emuva kokuthi sithole inkululeko. Bengingakw­azi ukuletha impilo engcono kubantu ngenxa yobandlulu­lo oludla lubi kwiDA. Baningi abathi angizongen­a emaqenjini abo epolitiki kodwa ngisazocab­anga kahle ngekusasa lami. Sisabonisa­na namakhanse­la asulile ukuthi sizokwenze­njani,” kusho uNkk De Lille.

UMnuz Shaun August obewuSotsw­ebhu kuMasipala waseCape Town uthe yena namakhanse­la asulile bayabonisa­na ngekusasa labo futhi baxoxisana nabantu abaningi.

“Sixoxa nabaxhasi, abaholi bomphakath­i nabo bonke abantu baseCape Town ngezinto ezahlukene ngoba asikazi okwamanje noma sizosungul­a inhlangano yepolitiki noma sizokwenza­ni. Engingakus­ho nje wukuthi iDA isakhathal­ele abamhlophe kakhulu ngoba abantu baseGugule­thu, Khayelitsh­a naseMitche­lls Plain abanakiwe,” kusho u-August.

Umhlaziyi wezepoliti­ki uMnuz Thabani Khumalo uthe uNkk De Lille angase avuse i-Independen­t Democrats okuzokwenz­a kube nokwehluka­na kwezepolit­iki ngoba inhlangano yakhe izobonakal­a njengekhay­a lamaKhalad­i okusho ukuthi kuzohamba abantu abaningi akade sebevotela iDA.

“UNkk De Lille uyathandwa wumphakath­i wamaKhalad­i azibona sengathi awanakiwe, ngimbona ewushisa umbango eWestern Cape. I-DA ngeke inqobe ngamavoti amaningi. Emuva kokhetho luka-2019 kungase kube nohulumeni wokubambis­ana engingazi-ke ukuthi uzoholwa yiDA noma yi-ANC kodwa engingakuq­inisekisa wukuthi uNkk De Lille uyobe ekhona uma eseneqembu lepolitiki,” kusho uKhumalo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa