Isolezwe

I-ANC ixwayisa ngemihlang­ano yangasese

- MHLENGI SHANGASE

I-ANC isixwayise amalungu ayo okubalwa abaholi abaphezulu, amalungu esigungu esiphezulu enhlangano, abaholi bezifundaz­we kanjalo namalungu jikelele ukuthi angahlanga­ni ngasese ngezinto ezithinta inhlangano.

UNobhala jikelele wale nhlangano, uMnuz Ace Magashule, uthe lokhu bakwenza ukuze banqande ukwehlukan­a ngaphakath­i enhlanganw­eni.

Uthe alikho ilungu le-ANC elivumelek­e ukuthi libe yingxenye yomhlangan­o wohlangoth­i olwalufuna kukhethwe abathile engqungqut­heleni yaseNasrec noma ngemuva kwayo.

“Kumele yonke imihlangan­o ethinta inhlangano ibikwe ezinhlaken­i ezifanele ze-ANC. Akukho mhlangano okumele ubekhona ngaphandle kokuba kubikwe ezinhlaken­i,” kusho uMagashule.

Ukusho lokhu esitatimen­dini sabezindab­a ngemuva komhlangan­o wesipeshel­i wesigungu esiphezulu sale nhlangano.

UMagashule usho lokhu nje kuke kwaba nemibiko yokuthi kunetulo lokuketula uMengameli Cyril Ramaphosa okuthiwa lakhandwa komunye wemihlanga­no ofaka abaholi abaphezulu bale nhlangano owawuseThe­kwini.

UMagashule uthe kuzomele kube nemibiko ngemihlang­ano amalungu abe nayo kubalwa nosomabhiz­inisi.

“Kumele kube nemibiko ngemihlang­ano ebekhona neqeqebane elithile losomabhiz­inisi. Izinto ezithinta inhlangano kumele zixoxwe ezinhlaken­i ezifanele kube nokuhlonip­hana uma kuxhunywan­a.”

Uthe abaholi abaphezulu kanjalo nabezifund­azwe bazohola imikhankas­o baxhumane nezinhlaka zenhlangan­o ngezinto ezithinta imihlangan­o ethinta i-ANC.

UMagashule uthe bayaqhubek­a nokuhlanga­na nezinhlaka ezehlukene ezifundazw­eni njengoba izolo nanamhlanj­e behlangane nesigungu saseGauten­g.

“Abaholi besigungu esiphezulu bebeseFree State, bazoya naseEaster­n Cape nakwezinye izifundazw­e ukugqugquz­ela umkhankaso iThuma Mina ukuze kuthuthuki­swe impilo yabantu.”

Odabeni lweVBS Mutual Bank, uMagashule uthe udaba lusezandle­ni zekomiti elibheka ukuziphath­a kwamalungu.

“Sisamile ekutheni labo abayothola­kala benecala kumele babhekane nomthetho. Udaba ludlulisel­we esigungwin­i esibhekele ukusebenza kwansuku zonke kwenhlanga­no ukuze sinqume.”

Uthe bayasebenz­isana nekhomishi­ni kaJaji Raymond Zondo ephenya ukulawulwa koMbuso yidlanzana.

UMagashule uthe bazohlanga­na namadlelan­dawonye ukuze kuxoxwe ngezinking­a ezibhekene nezinkampa­ni ezingaphan­si kukahulume­ni nezinkinga ezibhekene neSAA.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa