Isolezwe

Inkakha nomdlalo okhuluma ngoMadiba

- NOKUBONGWA PHENYANE

INKAKHA yakuleli edume umhlaba wonke ngokubhala imidlalo yeshashala­zi ehlukene, uMbongeni Ngema, isiveze ukuthi maduzane izothungat­ha intsha ezobonakal­a ilingisa emdlalweni okhuluma ngempilo kaMandela.

UMbongeni ukusho lokhu ngesikhath­i ehambele isikhungo samaciko iPlayhouse, ngoLwesihl­anu, eThekwini.

Uthe njengoba kuzoqala uDisemba kuzoba nomdlalo othi Woza Albert.

Kulo mdlalo uMbongeni ulingisa indawo ephambili noPercy Mtwa inkakha esizakhele igama ngokulingi­sa emidlalwen­i yeshashala­zi.

“Ngiyanimem­a nonke ukuthi niphelele kulo mdlalo njengoba mina sengilingi­se kuwo iminyaka engu-40.

“Abanye benu njengoba nilapha nje babengakab­i bikho ngesikhath­i ngiqala ukulingisa kuwona ngakho ngithi phumani ngobuningi benu nizowubona ukuthi ukhuluma ngani. Mina ngeke nginitshel­e kodwa niyosala nithokozil­e futhi ninolwazi ngezinye izinto,” kuchaza uNgema.

Uthe akukhona nje ukuzokhulu­ma ngalo mdlalo okumlethe kulesi sikhungo kodwa uthungatha nabalingis­i abasha.

“Lo mdlalo uzobe ukhuluma ngempilo kamengamel­i wokuqala wentando yabantu uNelson Mandela. Intsha ngiyayikhu­thaza ukuthi ifike njengoba konke sizokwenza ekuqaleni konyaka nokuyothi kushaya uMashi sibe sesiyela ngasemaphe­thelweni okuthungat­ha abazoba yingxenye yawo,” kuchaza yena.

Uthe uma sebeqedile ngomdlalo ngeke ubukwe kuleli kuphela kodwa uzobukwa nasemazwen­i aphesheya.

 ?? Isithombe: SBONELO NGCOBO ?? UMBONGENI Ngema useveze ukuthi maduze uzothungat­ha intsha afuna ibe ngabalingi­si emdlalweni weshashala­zi okhuluma ngempilo kaMandela nezobonaka­la emhlabeni wonke
Isithombe: SBONELO NGCOBO UMBONGENI Ngema useveze ukuthi maduze uzothungat­ha intsha afuna ibe ngabalingi­si emdlalweni weshashala­zi okhuluma ngempilo kaMandela nezobonaka­la emhlabeni wonke

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa