Isolezwe

Usiza abasemakha­ya ungoti wezindlebe

- LUNGI LANGA

UFUNA ukusiza abantu abadala abavela ezindaweni zasemakhay­a ukuthi bahlolelwe izinkinga zezindlebe ungoti walo mkhakha.

UMnuz Qiniso Ndlovu (38), owelapha izinkinga zezindlebe nezokukhul­uma, usesungule uhlelo lokusiza abantu abadala ukuthi bathole usizo lwamahhala lokuhlola izindlebe.

UNdlovu wesikhungo esihlola izindlebe siphinde sisize abanezinki­nga zokukhulum­a iQiniso Medical Practice esiseVryhe­id naseDundee, uthe ufuna ukunika abantu basemakhay­a ikakhulu abantu abadala ithuba lokuthi bathole ukunakekel­wa okuphelele.

Uthe phambilini usizo belunikwa abantu abamhlophe kodwa manje sebekhona abantu abamnyama abaluhlinz­ekayo futhi njengomuny­e wabo ufuna ukuqinisek­isa ukuthi luyafika kubantu basemakhay­a.

UNdlovu okhulele eDundee naseNewcas­tle uthe wenze ucwaningo lokuphothu­la izifundo zakhe eVryheid nokwenze wabona indlela abantu abadinga ngayo izinhlelo zabo.

“Isikhathi esiningi abantu bafika endaweni bayisebenz­ise bangaphind­e babuye ukuzoletha usizo kodwa mina ngikubone kubaluleki­le ukuthi ngibuye ngizosiza abantu baseVryhei­d. Le ndawo ibingenabo abantu abahlinzek­a usizo kubantu abanezinki­nga zokukhulum­a,” kusho uNdlovu.

NgoLwesihl­anu olwedlule uqale uhlelo lokuhlinze­ka usizo lokuhlola izindlebe kubantu abadala eVryheid naseDundee.

Lolu hlelo kulindelek­e ukuthi luqhubeke inyanga yonke kaNovemba lapho abantu abadala bezokwazi ukufika bahlole izindlebe bathole nolunye usizo oluhambisa­na nalokhu.

Uthe bazoba seDundee ngoLwesith­athu nangoMgqib­elo bese beba eVryheid kulezi ezinye izinsuku.

UNdlovu unxuse abantu ukuthi bakukhatha­lele ukunakekel­a izindlebe ikakhulu ukuzihlola. Uthe kubaluleki­le nokuhlola izingane njengoba ethe ezinye ziba nezinkinga zizalwa.

Uphinde wanxusa abazali ukuthi bazilalele izingane uma zikhala ngobuhlung­u bezindlebe ngoba ubuhlungu bezindlebe busho ukuthi kukhona inkinga ekhona.

Uthe kubaluleki­le ukuthi abantu bakugweme ukusebenzi­sa ama-earbuds avame ukusetshen­ziswa ukukhipha izigonogon­o ezindleben­i njengoba ethe yiwo adala ezinye zezinkinga zezindlebe.

Uthe uma umuntu ebona enenkinga kufanele aye kudokotela noma ayohlola izindlebe.

 ??  ??
 ??  ??
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UMNUZ Qiniso Ndlovu ehlola esinye seziguli zakhe ukuthi ngabe asinazo yini izinkinga ezindleben­i
Isithombe: SITHUNYELW­E UMNUZ Qiniso Ndlovu ehlola esinye seziguli zakhe ukuthi ngabe asinazo yini izinkinga ezindleben­i
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa