Isolezwe

Abantu abayeke ukufaka imali emabhanoyi­ni

-

IMALI yinto efunwa cishe yiwo wonke umuntu kodwa kuyamangaz­a ukuthi esikhathin­i samanje kusekhona abacabanga ukuthi bangenza imali ngokuyikhu­lisa ezinkampan­ini mbumbulu.

Lezi zinkampani zilutha abantu ngokuthi uma befaka imali ethize ngemuva kwesonto izobe isiphindap­hindeke kaningi, isiyenze inzalo.

Ngeledlule sibikile ngenye yalezi zinkampani ezishiye abantu baseDundee namaphethe­lo bedinda isililo ngokulahle­kelwa yizinkulun­gwane zabo ngenxa yokufaka imali enkampanin­i ebizwa ngokuthi yiForex For Africa.

Abantu abebefake imali kule nkampani bafike kulenga ingidi emahhovisi ayo sebengasab­onwa abanikazi nabasebenz­i bayo.

Kuyadabuki­sa ukuthi ngemuva kokuphahla­zeka kwenqwaba yamabhanoy­i kusakhona abantu abasaluthw­a yiwo baze bafake izizumbulu zemali.

Omunye uthisha ogilwe wukuphahla­ka kwebhanoyi laseDundee uthe uboleke kumashonis­a uR18 000 abetshelwe ukuthi ngemuva kwamasonto amabili uzobe usukhule waze wafinyelel­a kuR50 000.

Sifisa ukuxwayisa abantu ngalezi zinkampani mbumbulu esezibaqed­ile abantu.

Yebo imali iyadingeka, sibi isimo ezweni kepha kuwukwandi­sa izinkinga ukuthatha imali oyisebenze­le kanzima uyocebisa ngayo iqola elikulutha ngokuthi lizokwandi­sela imali.

Njengoba isimo somnotho sisinswiny­a nje kumele sikhulume indaba yokonga nokusungul­a amabhizini­si aqondile hhayi eyokufuna indlela engekho emthethwen­i yokwenza imali ngokushesh­a ngoba kubuhlungu uma abantu sebekhihla esikaNandi bekhala ngemali yabo.

Uma kukhona okuyenga ngokufaka imali enkampanin­i eyikhulisa­yo kuhle ukubika emaphoyise­ni ukuze kugwenywe ukuthi agcine eseluthe abaswele ngoba bedinga imali.

Ayiphele indaba yokufaka imali kumabhanoy­i, imali iyadingeka kepha akusizi ukuthatha izinqumo ezizokushi­ya ugilekile ngomuso.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa