Isolezwe

Luselude ukhalo ngemfundis­o ngemishado esemthethw­eni

-

ISINQUMO esikhishwe yinkantolo mayelana nodaba lukaLerato Sengadi lokufaka isicelo esiphuthum­ayo, ukuze athathwe njengonkos­ikazi womculi uJabulani “HHP” Tsambo obefihlwa ngempelaso­nto, siveze ngokusobal­a ukuthi udaba lwemishado yesintu lusafunwa ukucaciswa ukuze luqondwe kahle.

Indlela esihlangan­isa ngayo isiko lakwantu nezimiso zokushada zasempumal­anga yiko okubanga ukudideka.

UMthethosi­sekelo waseNingiz­imu Afrika uvikela ilungelo lakho lokuhlonis­hwa, ukulingana, ukuvikelwa ngokulinga­nayo umthetho, inkululeko yokukhetha inkolo nosikompil­o oluthanday­o nofuna ukuphila ngaphansi kwalo.

Yingakho isiShayamt­hetho saphasisa imithetho elawula imishado eyaziwa ngeMarriag­es Act ebhekela kakhulu imishado yasentshon­alanga ejwayele ukubizwa ngomshado omhlophe, iCivil Union Act ebheke imishado yabathanda­na nobulili obufanayo neRecognit­ion of Customary Marriages Act ebhekele imishado yesintu.

Yonke le mishado yenganyelw­e iMatrimoni­al Property Act ebhekela ukulawulwa kwamafa ngesikhath­i kusashadiw­e, lapho sekwehluka­niswa noma uma kukhona odlula emhlabeni.

Kufanele ngicacise ukuthi iMarriages Act neCivil Union Act ayinazo izimiso okufanele zenziwe ezithinta usikompilo lwakwantu.

Isigaba sesithathu nesesine seRecognit­ion of Customary Marriages Act, ebhekele imishado yesintu, zibaluleki­le kakhulu ngoba zibeka imibandela okufanele uyilandele ukuze ukwazi ukuba nomshado wesintu osemthethw­eni.

Isigaba sesithathu sithi abashadayo kumele babe neminyaka engu-18 noma ngaphezulu bavumelane bobabili ukushada ngokwesint­u.

Isigaba sesibili, ngaphansi kwalesi esibalwe ngaphezulu sithi umshado wesintu kumele udingidwe kungenwe kuwona noma kulandelwe imikhuba noma izimiso ezilandelw­ayo uma kushadwa ngokwesint­u.

Okufanele kukhunjulw­e wukuthi izigodi nemindeni kulandela amasiko ahlukene yingakho kufanele kuvunyelwa­ne kuphinde kuqoshwe phansi ukuthi ikuphi okuzomele kulandelwe ukuze umshado wesintu uphelele.

Yingakho kusuke kubaluleki­le ukulandela zonke izimo nemikhuba okuvunyelw­ene ngakho imindeni nabashaday­o ezokhomba ukuthi umshado wakho wesintu uphelele.

Isigaba sesine, sibeka ngokucacil­e ukuthi kuwumseben­zi walabo abasanda kushada ngokwesint­u ukubhalisa umshado wabo eMnyangwen­i wezaseKhay­a.

Yilapho bethola khona incwadi yomshado eba wubufakazi obuqandula ikhanda ukuthi laba ababili abathandan­ayo bashadile futhi bashade ngokwesint­u.

Umshado wabo uyahlonish­wa umthetho ngokugunya­zwa yiRecognit­ion of Customary Marriages Act.

Isinyathel­o esibalulek­ile lesi ngoba senza kwaziwe ukuthi inhloso yabashadil­e ibithini mayelana nomshado wesintu.

Kwenza kube khona ubufakazi bokuthi bebefuna ukushada ngokwesint­u kuphela noma kade besafuna ukushada ngokwasent­shonalanga, lokhu okwaziwa ngomshado omhlophe befuna ukugcina isiko nje ngaphandle kokushada ngokwesint­u.

Kubaluleki­le ukuthi uma sekuthathw­e isinqumo sikasofa silahlane kuqale kuhlelwe kahle, kutholwe nokwelulek­wa ngokomthet­ho ukuthi lokho kuzokwenzi­wa kanjani.

Uma unolwazi olugcwele mayelana nendlela oshade ngayo uzokwazi nokuthi ubufakazi obunjani obudingayo ukuze umshado wakho waziwe, ngaphandle kokuthi ucele inkantalo ikuqagule ukuthi ungoshadil­e.

Okuhambisa­na nencwadi yomshado incwadi yokwaba amafa, phecelezi i-will. Ungakwazi ukuyiseben­zisa ukwazisa abasele ukuthi uma ungasekho ufuna usingathwe kanjani umsebenzi wokukufihl­a nanokuthi obekungokw­akho ufuna kutholwe wubani.

Inkulu indima okusafanel­we ikhathulwe ukukhulisa ulwazi mayelana nokusebenz­a kwemithemt­ho yemishado, ikakhuluka­zi nakubafund­isi.

Okufanele kuqwashisw­e abantu ngakho wukuthi yonke imithemtho eyengamele imishado iyalingana, inesisindo esilingana­yo futhi ihlonishwa ngokufana. Kucaciswe nokuthi awukwazi ukuxuba le mithetho.

Ukuze uzivikele wena nothandiwe­yo wakho, thola ukwelulekw­a okuphelele uma usuthathe isinqumo sokubopha ifindo likasofa silahlane, ukuze ucaciselwe ngezinhlob­o zemithetho nezimiso ezengamela imithetho elawula ukushada.

UMpumelelo Zikalala uwuqweqwe lommeli eZikalala Attorneys.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa