Isolezwe

Musani ukuvimba intsha ibe ingasebenz­i

-

MHLELI: Namhlanje ngithi angiphawul­e kule nkinga ebhekene nentsha efisa ukuqashwa embuthweni wamaphoyis­a aseNingizi­mu Afrika nakwamasip­ala.

Kunokukhal­a okuningi kwentsha ikakhulu emnyama kokuthi kunokwenze­lela ekungeneni kule mibutho. Inkinga enkulu ilele kosopoliti­ki abasuke bephethe ngaleso sikhathi.

Labo sopolitiki yibona abasuke bephethe kule minyango okwenza ukuthi uma sekuqashwa bakhumbule izihlobo nabangani bese bethintana namakhanse­la abo ezindaweni nabaholi beqembu labo kwenziwe uhlu lwabazoqas­hwa. Kuye kuqashwe kuphela labo abalethwa ngamakhans­ela okungewona nje amalungu omphakathi ajwayeleki­le kodwa amavolonti­ya, amalungu eqembu nezingane zawo nabasondel­ene kakhulu nabaholi.

Mhleli, okubuhlung­u kakhulu wukuthi laba baholi uma sekusondel­e ukhetho beza begijima kulaba bantu abampofu abaswele bezobakhoh­lisa ngokuthi bazodala amathuba emisebenzi ukuze kusebenze intsha, bebe bazi kahle ukuthi badlala ngabo, leyo misebenzi ngeyamavol­ontiya, izihlobo nabangani babaholi.

Ngiyazi-ke bazothi hhayi imisebenzi siyayikhan­gisa. Yindaba endala leyo ngoba ezinkampan­ini zikahulume­ni ikakhulu ezakhele iTheku, kuyaziwa ukuthi ngeke ungene ungalethwa­nga yikhansela futhi ungaziwa ukuthi ungunamba bani enhlanganw­eni ephethe.

Mhleli, ngiyazi ukuthi lokhu engikubhal­ile kuzokwehla kabuhlungu kubaholi kodwa ngiqonde ukubaqondi­sa ngoba ngiyabatha­nda futhi yibona abahlale bethi babheke ivoti lentsha ngoba yiningi kodwa abayeke ukuyikhohl­isa.

ENingizimu Afrika baningi abaneziqu zemfundo ephakeme kodwa bahlezi nazo emakhaya ngenxa yayo le ndlela yokuphatha izwe lethu. J Nyuswa ELAMONTVIL­LE

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa