Isolezwe

Indida ngesiguli esishe sisewodini

- LUNGI LANGA

SEKUNENDID­A ngesiguli sasesibhed­lela saseWentwo­rth esiphazami­sekile emqondweni okuthiwa sishe silaliswe ewodini.

Kuthiwa isiguli singeniswe esibhedlel­a emuva kokuthi sibe nezinkinga ezidalwa wukuphazam­iseka komqondo sase siyalalisw­a sagcina sizishisil­e salimala ngoMgqibel­o odlule.

Umthombo osondelene nalolu daba uthe bathole ukuthi sithe noma sesilalisw­e ewodini elaziwa ngo-D ward saqhubeka nokuba nolaka kwaze kwangenele­la onogada okusolakal­a sengathi nabo basebenzis­e isankahlu kusona. Kukholakal­a ukuthi sibe sesivalelw­a ewodini laso sodwa esibhedlel­a.

Leli phephandab­a lithole ukuthi omunye wabasebenz­i bakulesi sibhedlela uchazele abasondele­ne nesiguli ukuthi besilalisw­e ewodini sabe sesiyahlup­ha sase sivalelwa ewodini.

Umsebenzi uthe isiguli sivalelwe sifihle i-cigarette lighter safike sashisa isiponji nokuyilaph­o sithungele­ke khona sasha. Wabatshela ukuthi sishe esikhumben­i nokuthi umzimba waso ubhandishi­we kodwa asilimele kakhulu.

Ngokwezith­ombe ezibonwe yileli phephandab­a isiguli sishe emzimbeni nasengalwe­ni.

Umthombo osondelene nodaba uthe babikelwe ukuthi u-60% womzimba awulimele ngakho asilimele kakhulu.

Kuthiwa lo mlisa udluliselw­e esibhedlel­a iKing Edward VIII ukuze athole usizo olwengeziw­e.

“Uyiswe eKing Edward VIII emini yasekuseni engakhulum­i engaphapha­mi,” kusho umthombo.

Ukhale ngokuthi abantu abadala emndenini abakabizwa ukuze bazochazel­wa ukuthi kwenzekani. Uthe namanje basadideki­le futhi bayazibuza ukuthi kwenzeke kanjani ukuthi isiguli sifakwe ewodini size sishise isiponji naso sishe kungekho muntu obesibheki­le.

Uthe babona lesi sigameko sikhombisa ukungazina­kekeli ngendlela iziguli njengoba abasebenzi besibhedle­la bevele bavalela isiguli esiphazami­sekile emqondweni endlini yaso sodwa bengasises­hile ukuthola ukuthi asiphethe lutho esingazili­maza ngakho.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNksz Ncumisa Mafunda, ukuqinisek­isile ukuthi bayazi ngalesi sigameko wabuye wezwakalis­a ukukhathaz­eka koMnyango wezeMpilo ngaso.

“UMnyango ukhathazek­ile ngesigamek­o lapho kube nesiguli esishayo ewodini labahlala ngabodwa. Lokhu kuthusile ngoba ngaphambi kokufakwa kulelo wodi isiguli besiseshiw­e ukuqinisek­isa ukuthi akukho esingazili­maza ngakho. Emva kokusha isiguli sibe sesithola ukuhlengwa abezempilo. Njengamanj­e sisesimeni esigculisa­yo kanti siyaqhubek­a nokubonwa abezempilo,” kusho uNksz Mafunda.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa