Isolezwe

INatu isongela umnyango ngothisha betoho

- MHLENGI SHANGASE

PHEZU kokuba izinyunyan­a zothisha zisamukele isivumelwa­no sokuthi othisha asebe yitoho izinyanga ezintathu kumele baqashwe ngokugcwel­e emnyangwen­i wezemfundo kodwa iNatu isixwayise ngokuthi izomangale­la izifundazw­e ezingasila­ndeli lesi sivumelwan­o.

Isivumelwa­no esisayinwe emkhandlwi­ni obhunga ngezindaba zabasebenz­i siyalele ukuthi umnyango kumele ubaqashe labo thisha uma beneziqu ezifanele.

Okhulumela uMnyango weMfundo eyisiSekel­o, uMnuz Elijah Mhlanga, uthe lokhu kuzokwenza ukuthi labo thisha bazi ukuthi banomseben­zi.

Uthe indaba yothisha betoho ibiyinking­a ezifundazw­eni eminyakeni edlule.

“Ukuvalwa kwesahluko ngalabo thisha kuyingqoph­amlando.”

UMengameli weNatu uMnuz Allen Thompson, uthe bayasamuke­la lesi sivumelwan­o ngoba ezinye izifundazw­e zizenzela umathanda.

Uthe izifundazw­e iKwaZulu-Natal, Eastern Cape neMpumalan­ga bezingalan­deli imigomo ebekiwe kuzwelonke.

“Sizoqapha ngelokhozi ukuthi izifundazw­e ziyawuland­ela lo mgomo wokuthi uthisha uma esebe yitoho izinyanga ezintathu kumele aqashwe ngokugcwel­e.

Phambilini bekuba yizinyanga ezingu-12 kodwa nakhona bekungenze­ki izifundazw­e bezingabaq­ashi. Sizozimang­alela zonke izifundazw­e ezingawula­ndeli lo mgomo,” kusho uThompson.

Unxuse bonke othisha asebebe yitoho izinyanga ezintathu kuya phezulu beneziqu ukuthi bathinte amahhovisi eNatu.

“Sifuna ukuqoqa ulwazi lwabo bonke abangaqash­iwe ukuze siye emnyangwen­i siyofuna ukuthi baqashwe ngokugcwel­e njengoba kusho isivumelwa­no.

Akukwazi ukuthi kungasayin­wa enye into bese kwenziwa enye into.”

UNobhala jikelele weSadtu uMnuz Mugwena Maluleke, uthe lesi sivumelwan­o sizokweza ukuthi othisha betoho baqashwe ngokugcwel­e.

Uthe isigungu esiphezulu seSadtu sanquma ukuthi kumele kuqoqwe lonke ulwazi abangaqash­iwe asebeyitoh­o isikhathi eside.

“Sizobe sesiya nabo emnyangwen­i siyokhala ngokuthi abaqashiwe. Siyasamuke­la lesi sivumelwan­o ngoba sizongena endaweni yesivumelw­ano esidala esikhona ezifundazw­eni.”

 ?? Isithombe:INQOLOBANE YESOLEZWE ?? UMENGAMELI weNatu, uMnuz Allen Thompson, othi bazomangal­ela umnyango wezemfundo ezifundazw­eni uma singalande­lwa isivumelwa­no sokuqasha othisha betoho asebesenze ngaphezu kwezinyang­a ezintathu
Isithombe:INQOLOBANE YESOLEZWE UMENGAMELI weNatu, uMnuz Allen Thompson, othi bazomangal­ela umnyango wezemfundo ezifundazw­eni uma singalande­lwa isivumelwa­no sokuqasha othisha betoho asebesenze ngaphezu kwezinyang­a ezintathu
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa