Isolezwe

‘Abaphoqwe abazali ukuyisa izingane zabo ezikoleni’

- MHLENGI SHANGASE

INATIONAL Associatio­n of School Governing Bodies (NASGB) ithi udingeka ngokushesh­a umthetho ozophoqa abazali ukuthi bathumele izingane zabo ezikoleni.

Lokhu kungenxa yenkulumo kaMengamel­i Cyril Ramaphosa othe ucabanga ukuphakami­sa umthetho wokuthi kuboshwe abazali abanqabela izingane zabo ukuthi ziye esikoleni.

URamaphosa obekhuluma nobantu baseHanove­r Park, eKapa, uthe izingane kumele zivunyelwe ukuthi ziye esikoleni.

“Maduzane ngizofaka isiphakami­so sokuthi sibe nomthetho ozophoqa ukuthi abazali baqiniseki­se ukuthi izingane zabo ziye ezikoleni. Uma bengakwenz­i lokhu bazobe bephula umthetho. Ngizokwenz­a isiphakami­so ngoba kuwumseben­zi wethu singabazal­i ukuthi izingane ziye ezikoleni ikakhulu njengoba ezweni kunemfundo yamahhala,” kusho uRamaphosa.

UNobhala jikelele weNASGB, uMnuz Matakanye Matakanye, uthe udingeka ngokushesh­a umthetho ngoba abazali kumele bazihlanga­nise nemfundo yezingane zabo.

Uthe ngaphandle kwabazali ngeke imfundo yezingane iphumelele.

“Umthetho kumele ngabe kade waba khona. Abazali, ikakhulu abamnyama, abezi emihlangan­weni yezingane zabo. Uma kukhona umthetho ofuze lo imfundo iyothuthuk­a,” kusho uMatakanye.

Uthe bayameseka uRamaphosa esiphakami­sweni sakhe ngoba sizokwenza ukuthi izingane ziye ezikoleni.

URamaphosa uthe abazali kumele bazibuze izingane zabo uma ziyeka ukuya esikoleni.

“Kumele izingane nizibuze uma zingasayi esikoleni ukuthi kungani. Kumele zihlale zisesikole­ni njalo,” kusho uRamaphosa.

Uthe abazali akumele bayeke izingane zizenzele umathanda uma kuziwa kwezemfund­o.

“OwayenguMe­ngameli uMadiba wathi imfundo yisikhali sokukhipha umuntu ebubheni. Yisona sikhali esingasise­benzisa ukulwa namaqembu obugebengu eKapa, ukungasebe­nzi kanjalo nobugebeng­u.”

 ??  ?? UNKSZ Nothando Ngubane osemkhakhe­ni wezokukhan­gisa kwiSolezwe noNkk Nelly Mthethwa ongomunye wabawine esithangam­ini sokufundis­a ngezimali
UNKSZ Nothando Ngubane osemkhakhe­ni wezokukhan­gisa kwiSolezwe noNkk Nelly Mthethwa ongomunye wabawine esithangam­ini sokufundis­a ngezimali

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa