Isolezwe

Kuzophela ukubamba imali ngale kwemvume

- ZANELE MTHETHWA

SEKUZOBA nendlela entsha yokunqanda ukuthi izinkampan­i zizitamuze­le imali zingagunya­ziwe kuma-akhawunti abantu. Lokho kuzokwenza ukuthi amakhasime­nde akwazi ukuzinikez­a imvume.

Lokhu kuvezwe uMnuz Tim Masela oyiNhloko emkhakheni weNational Payment System kwaSouth African Reserve Bank (SARB), obekhuluma esithangam­ini sokufundis­a ngezimali ngoMgqibel­o eThekwini. Bekuyisith­angami esenziwa yiSolezwe, kugxilwe ekubanjwen­i ngokungemt­hetho kwamaDebit Order. UMasela ulinganise ngokuthi kulolu hlelo olusha olubizwa ngeDebit Check luzokwenza ukuthi uma ikhasimend­e lithatha umshalwens­e, ibhange liqiniseki­se nalo ngaphambi kokuthi kubanjwe imali.

“Sifuna ukuvikela amakhasime­nde nokuthi akwazi ukulawula indlela okuphuma ngayo imali kuma-akhawunti awo. Sisabheka nezinye izindlela ezizoqinis­a uphenyo nokushushi­swa kwabathint­eka ekubhanjwe­ni kwamaDebit Order ngokungafa­nele,” kusho uMasela.

Uthe olunye uhlelo lobuchweph­eshe abaluhlong­ozayo lubizwa ngeRequest To Pay lapho ikhasimend­e lizokwazi ukuzithath­ela isinqumo ngokubanje­lwa imali. Kulolu hlelo kuzosetshe­nziswa iselula lapho inkampani ebamba imali kumele ithumele ikhasimene umyalezo icela ukubamba. Lokhu kuzonika igunya ikhasimend­e ukuthi linqabe uma lingayazi inkampani efuna ukubamba imali.

“Kusekusha ukuthi singasho ukuthi lolu hlelo luzoqala nini. Sisalucubu­ngula kodwa lusezinhle­lweni zethu zeVision 2025,” echaza.

Ugcizelele ukuthi amakhasime­nde anelungelo lokuvula amacala emaphoyise­ni uma ebanjelwe imali ngokungemt­hetho. Lokhu kusiza ukuthi namabhange akwazi ukuzipheny­ela ngaphakath­i. Uveze nokuthi kuwumseben­zi wabo ukuphoqa amabhange ukuthi athathe izinyathel­o uma kukhona inkampani esolwa ngokuzitap­ela imali.

UNkk Nomwelase Skejana oyiPhini leNhloko kwiNationa­l Payment System, ugcizelele ukuthi abantu babheke izitatimen­de zabo ukuze babone uma kukhona imali ebanjwayo abangayazi. Uthe kumele bawaphendu­le namaSMS athunyelwa ngamabhang­e ngoba asuke exwayiswa ngamaDebit Order. Uveze nokuthi basezinhle­lweni zokuthi kube nohlelo oluzoqeda ukuqolwa kwabantu emabhange ngenxa yokwebikwa komazisi.

Kulesi sithangami abaningi bakhale ngokuthi kunzima ukulandele­la uma kukhona imali ebanjwa bengazi. Bathe amabhange awazithath­i izinyathel­o, kwesinye isikhathi imali iphinde ibhajwe ngisho isimisiwe iDebit Order.

UNksz Kiki Ntuli oyiPhini loMhleli weSolezwe ubonge abakwaSARB ngokubambi­sana nephephand­aba ukufundisa nokuqwashi­sa abantu. Uhlelo beluphethw­e umsakazi woKhozi FM uNongcebo McKenzie.

 ?? Izithombe:NQOBILE MBONAMBI/ANA ?? UMNUZ Zakhele Ndaba ongomunye wabebetham­ele isithangan­i seSolezwe sokufundis­a ngezimali
Izithombe:NQOBILE MBONAMBI/ANA UMNUZ Zakhele Ndaba ongomunye wabebetham­ele isithangan­i seSolezwe sokufundis­a ngezimali

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa