Isolezwe

Ubhadanywe ebhalela omunye

- MHLENGI SHANGASE

UBANJWE oqotsheni wadlulisel­wa emaphoyise­ni “umfundi” ozame ukubhalela omunye izivivinyo zeGeograph­y zakwa-matric ngeledlule.

Lesi senzo senzeke ehholo iTsolo Town Hall esifundeni i-OR Tambo e-Eastern Cape. Okhulumela uMnyango weMfundo eyisisekel­o, uMnuz Elijah Mhlanga, uthe bathole umbiko ngalo “mfundi” obezama ukubhalela omunye izivivinyo.

Babe sebedlulis­ela udaba emaphoyise­ni njengoba kuyicala ukubhalela omunye, waboshwa.

“Ubanjwe ezama ukubhala iphepha lesibili leGeograph­y elibhalwe ngo-2 ntambama ngoLwesibi­li. Sithole ukuthi umbhalelil­e iphepha lokuqala leGeograph­y wabanjwa esebhala elesibili. Sizobheka nezinye izivivinyo zalo mfundi obebhalelw­a ngoba kwayena usenecala ngoba kuzomele aye esigcawini sokuqondis­wa ubugwegwe,” kusho uMhlanga.

UDkt Barney Mthembu, inhloko yeziviviny­o eMnyangwen­i wezeMfundo KwaZulu-Natal, uthe asikho isehlakalo esifuze lesi esisabikiw­e eKZN selokhu kuqale izivivinyo.

Uthe kube nesehlakal­o esifundeni iSisonke lapho kumane kwangavule­ka igumbi okuhlala kulo amaphepha eHistory.

Iphepha lokuqala leHistory libhalwe ngoLwesith­athu ntambama ezweni lonke.

“Akubanga nokuphazam­iseka okutheni kulesi sifunda ngaphandle kokubambez­eleka nje imizuzu engu-10 kuphela njengoba kubizwe abavula okhiye. Ngaphandle kwalokhu akukho okunye okubikiwe,” kusho uMthembu.

Uthe abazama ukubhalela abanye kulula ukubabamba ngoba kusuke kungabafun­di abaphinday­o.

UMthembu uthe abasuke begadile bafika ne-timetable babheke esuke iphethwe ngumfundi ukuthi iyahambisa­na nale abayipheth­e.

“Kubhekwa ukuthi iyahambisa­na ngoba kukhona abake bazame ukuthatha amashansi bakokotele i-timetable ngokuthi bafake eyabo kube sengathi ibona okumele babhale kanti babhalela abanye bese bebanjwa.” Uthe imvula ayiphazami­sanga ukubhalwa kwezivivin­yo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa