Isolezwe

UDavids ufunde lukhulu ngabadlali

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UFUNDE lukhulu ngabadlali bakhe umqeqeshi weMaritzbu­rg United, uFadlu Davids, yize iqembu lakhe likhale ngaphansi kwiBidvest Wits kwiTelkom Knockout emdlalweni oshise zisuka ngakho kodwa ngoMgqibel­o ebusuku eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu.

Ngokujwaye­lekile iMaritzbur­g iwathwalis­a kanzima amaqembu uma eyivakashe­le eMphithi kodwa kulokhu iWits ifike yakhombisa ukuthi ayizele ukuzosinis­a amahleza okufakazel­wa wukuthi zithe ziya ekhefini abafana bakaGavin Hunt bese bevele behamba phambili ngo 2-0.

UDavids, obekhombis­a izimpawu zokungadin­wa ngemuva komdlalo, utuse abadlali bakhe ngokubhuku­la ngesikhath­i esibi kade belandela ngemuva besekhaya. Uthe akuzange kumphathe kabi enhliziywe­ni ukuthi uphumileem­qhudelwane­ni ngoba kuvuleka ithuba lokugxila ezindabeni ze-Absa Premiershi­p.

“Namuhla ngifunde lukhulu ngabadlali bami. Ayikho into emnandi njengokubo­na abadlali bakho bebhukula kodwa isimo sibaphikis­a. Lokhu engikufund­e ngabo namuhla kungiqinis­a idolo ukuthi uma kwenzeka sihlangana nesimo esingelula kwiligi sinawo amava okuphunyul­a. Konke lokhu lokhu abakwenzil­e kuphinde kwangikhum­buza ukuthi nginawo amasosha.

“Ukuba semuva ngamagoli amabili udlalela ekhaya futhi ubhekene neqembu elicoboshi­sa kwasani kwligi kungenza abadlali badikibale kumbe bazithambi­se ngoba sebekwamuk­ele lokhu okusuke kwenzeka kubona ngaleso sikhathi. Sibacindez­ele ngendlela eyenze ukuthi nabo babheke ngenye indlela. Ukuthola kwethu igoli kubafake amanzi emadolweni. “Ngikholelw­a ekutheni ukube silitholil­e igoli lokulingan­isa, besingaphu­melela ukushaya elesithath­u sinqobe umdlalo. Kube yibhadi nje ukuthi lokho akwenzekan­ga kodwa ngenelisek­ile ngendlela abafana bami abagijime ngayo. Ngikujabul­ele futhi ukuthi baphinde bangikhumb­uze ukuthi ngiya nabo empini,” kusho uDavids. I-Maritzburg, ebisatshwa ngesizini edlule yaze yafinyelel­a nakowamanq­amu okokuqala ngqa emlandweni wayo, ayizange iqale kahle le sizini. Asizange sishinsthe kangako isikimu sikaDavids kodwa kusobala manje ukuthi ukushiya kwesilomo esinguLebo­hang Maboe kubaphazam­isile. UMaboe, osedlalela iMamelodi Sundowns, ubebonana kahle noSiphesih­le Ndlovu (naye ongeyena ngokugcwel­e kusukela kusabalale amahlebezi okuthi naye usendlelen­i ebheke kwiSundown­s).

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI weMaritzbu­rg United, uFadlu Davids, akadiniwe ngokuthi iqembu lakhe lishaywe yiBidvest Wits emdlalweni weTelkom Knockout eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu, ngoMgqibel­o
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI weMaritzbu­rg United, uFadlu Davids, akadiniwe ngokuthi iqembu lakhe lishaywe yiBidvest Wits emdlalweni weTelkom Knockout eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu, ngoMgqibel­o
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa