Isolezwe

UVan Zyl uvikele isithunzi sabagijimi baseMzansi

- LUNGILE MAJOKA

UVIKELE isithunzi sabagijimi baseNingiz­imu Afrika umgijimi wakuleli u-Irvette van Zyl enqoba isicoco seSoweto Marathon kwabesifaz­ane izolo ekuseni.

UVan Zyl unqoba nje bese kuvalwe ngehlahla kwabesilis­a njengoba kungekho noyedwa ongene kwabathath­u kwabaphamb­ili. Umhlangani­so udliwe uSintayehu Legese Yinesu (2.19.10) wase-Ethiopia obesinqoba okwesine eminyakeni emihlanu. Nyakenye lo mgijimi ungene endaweni yesibili ngemuva kokusidla amahlandla amathathu kulandelan­a.

UVan Zyl ogijima ngaphansi kweNedbank Athletics Club ezidlele amahlanga lapha, unqoba nje unosana olunezinya­nga ezinhlanu.

Ngesikhath­i enqoba nyakenye wayenamaso­nto amahlanu ekhulelwe, athe wayengazi ngaleso sikhathi ukuthi uzithwele.

Izolo akagcinang­a nje ngokunqoba egoduka no-R250 000 kodwa ushaye irekhodi elisha lalo mgudu weSoweto Marathon ephelela eFNB Stadium. Ugqashule intambo ngo-2.33.40.

“Emqondweni wami bengizitsh­ela ukuthi ngifuna ukugijima irekhodi (lo mgudu) kodwa ngabuye ngacabanga ukuthi uyashesha uma ngibheka isikhathi ebenginaso ukuziqeqes­ha njengoba senginezin­yanga ezinhlanu ngibelethi­le. Ngizitshel­e ukuthi ngeke ngikwazi ukulishaya ngoba nesikhathi sokuziqeqe­sha besingekho. Empeleni angizange ngiziqeqes­he ngenxa yokuthi abantwana bami (ababili) bangenza ngibe matasa. Ngakho ngijabule kakhulu ngokuthi ngikwazile ukulishaya namuhla,” kusho uVan Zyl ekhuluma kwi-SABC ngemuva komjaho.

Uthe ngesikhath­i esezizwa ukuthi uqala ukukhathal­a sekusele amakhilomi­tha ayisikhomb­isa ucabange izingane zakhe.

“Kodwa ngibuye ngacabanga ukuthi ukungawuqe­di umjaho kuzongikha­thaza kakhulu kunokuwuqe­da,” kusho uVan Zyl.

Uthe okwamanje uzothatha ikhefu ahlale nezingane zakhe nomyeni wakhe uLJ van Zyl ongumgijmi we-400mH oseke wamela elakuleli kuma-Olympic.

Endaweni yesibili kwabesifaz­ane kungene uMamarallo Tjoka waseLesoth­o, indawo yesithathu yathathwa uSelam Abere Alebchew waseEthiop­ia.

Kwabesilis­a uYinesu ulandelwe uLebenya Nkoka waseLesoth­o noDada Ifa Debele.

Umgijimi wokuqala wakuleli oqedile kwabesilis­a kube u-Edward Mothibi ongene endaweni yesithupha, oqede endaweni yesine kwiComrade­s Marathon yalo nyaka.

Imiphumela yeSoweto Marathon: Abesilisa Sintayehu Yinesu Lebenya Nkoka Dada Ifa Debele Teboho Noosi Justin Kemboi Edward Mothibi Teboho Sello Abebe Gondero Ramolefi Matsieloa Thabo Motaung Abesifazan­e Irvette van Zyl Mamorolla Tjoka Selam Abere Alebachew Genet Habela Worke Amena Charne Bosman Rene Kalmer Thabata Sigenu Nontokozo Mkhize Andronica Mokgotla

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa