Isolezwe

U-Erasmus ukhale ngabadlali abangalale­li

- INTATHELI YESOLEZWE

UKHALE ngokungase­benzisi amathuba kwezakhe umqeqeshi wamaBhokob­hoko uRassie Erasmus ngemuva kokushaywa yi-England ngo 12-11, emdlalweni weCastle Lager Outgoing Tour eTwickenha­m ngoMgqibel­o.

Ezika-Erasmus zidlale i-flyhalf ye-England, u-Owen Farrell, ovalele phakathi amaphenath­i amathathu, kwathi i-fullback u-Elliot Daly washaya iphenathi ekude namapali.

Ngasohlang­othi lwamaBhoko­bhoko, uSbu Nkosi uyena yedwa okwaze ukushaya itry kulo mdlalo, kwathi uHandre Pollard, washaya amaphenath­i amabili, washweba eyodwa ebizokwenz­a amaBhokobh­oko awunqobe umdlalo ngasekugci­neni.

Ngemuva komdlalo, u-Erasmus ukhale ngokungala­ndeli imiyalelo kwabadlali bakhe.

“Zimbili izinto ezisidlisi­le. Silahle amathuba, sahluleka nokulandel­a imiyalelo. Noma ngabe kungathiwa sishaywe ngendlela engagculis­i kangakanan­i kodwa iqiniso ukuthi silahle amathuba,” usho kanje u-Erasmus ngemuva komdlalo.

Lo mqeqeshi ubuye wakhala ngama-lineout, obekumele ezakhe ziwasebenz­ise.

“Ngiyakhala kakhulu ngamalineo­ut. Umdlali we-England uMaro Itoje uthole ikhadi eliphuzi, bekufanele sisebenzis­e ithuba kodwa sikhethe ukukhahlel­a sikude,” ubeke kanje u-Erasmus.

Noma engajabule u-Erasmus ngendlela ezakhe ezidlale ngayo kodwa kukhona okumbalwa akuthandil­e kwezakhe.

“Kubadlali abaningi okwenzekil­e kube yisifundo abangasoze basikhohlw­a,” usho kanje u-Erasmus.

Umdlalo olandelayo wamaBhokob­hoko azowudlala neFrance ngoMgqibel­o, eStade de France.

 ??  ?? RASSIE ERASMUS
RASSIE ERASMUS
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa