Isolezwe

Sizomeseka uJali ngoba ungumdlali wethu: Pitso

- ZAKHELE XABA

UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uPitso “Jingles” Mosimane, uzibopheze­le ukweseka umdlali wasesiswin­i, u-Andile Jali, olale ebaliwe ngesonto eledlule ngecala lokushaya umkakhe.

AmaBrazili­ans abemanqika ukuphawula ngesimo sikaJali okuvele ukuthi akaziqeqes­hanga neqembu izinsuku eziphelele. UMosimane utshele abezindaba ngoLwesihl­anu ukuthi akafuni ukukhuluma ngokwenzek­a ngaphandle kwenkundla ngoJali.

NgoMeyi uJali uboshelwe ukushayela ephuzile. Icala lokushaya umkakhe uNonhle Jali lizongena namuhla emuva kokuhlehli­swa ngesonto eledlule.

UJali ubedlala ngesikhath­i iSundowns ihlulwa yiBaroka ngo 2-0 emdlalweni we-quarterfin­al yeTelkom Knockout ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngoMgqibel­o.

“U-Andile wumdlali ophezulu, udlale kahle kakhulu namuhla. Usezingeni leBafana. Sijabule ngo-Andile. Umsebenzi wethu kwiSundown­s wukwenza isiqinisek­o sokuthi udlala kaningi futhi kangcono kunalokhu ayikho manje. Ubonile indlela aphunga ngayo izitha nendlela aliphaka ngayo ibhola. Ungumdlali omuhle futhi siyamdinga. Sidinga ukumeseka ukuze adlale ibhola. Njengawo wonke umuntu sidinga ukumeseka.

“Ungumdlali wethu, sifake imali kuye. Kuwumseben­zi wethu, ikakhuluka­zi mina, ukumeseka, ikakhuluka­zi ngalesi sikhathi. Usangishay­ele into ecokeme ekubeni ebhekene nobunzima. Ababaningi abantu, mhlawumbe nami, abangadlal­a ngendlela adlala ngayo ezimeni abhekene nazo. Mhlawumbe nawe njengentat­heli ubungacela ukungadlal­i. Usendaweni enhle kwiSundown­s, sizokwenza isiqinisek­o sokuthi siyameseka ukuze adlale ibhola. Ulapha ukuzodlala ibhola. Uma kukhona olunye usizo olungaphan­dle aludingayo, sizomthole­la lona. Kuwumseben­zi wethu,” kusho uMosimane.

ISundowns iphunyukwe yindebe yesithathu selokhu kuqale isizini ka-2018/2019. Ikhishwe kwiCAF Champions League, MTN 8 njengoba isiphuma kwiTelkom.

Mayelana nokuhlulwa yiBaroka, uthe kufanele basemukele isimo. Wavuma ukuthi abawakhang­a amathuba anele okushaya amagoli.

“Kufanele samukele, siqhubekel­e phambili. Phezu kokuba umdlalo besikade siwuphethe sawulawula, lokho akusho ukuthi uzowina. Kufanele ushaye amagoli. Asizange silishaye igoli. Esiwombeni sesibili belingekho ithemba lokushaya igoli. Ngeke uyiwine yonke imidlalo. Siyayibong­ela iBaroka.”

“ISundowns idlala kwiChampio­ns League futhi kufanele sikulungel­e esizohlang­ana nakho kuyona. Silungisel­ela iChampions League. Imidlalo efana nalena iyakulungi­selela ukuthi kwesinye isikhathi ungadlala kahle, ibhola lingashayi isandla ebhokisini kube yiphenathi. Lishayise kumuntu lingene phakathi, yigoli. Kunjalo ebholeni. Nathi siyohlomul­a ngelinye ilanga. Namuhla kubhekene nathi, siqhubekel­a phambili. Sihluliwe asikhonond­i ngonondweb­a. Ngicela ningincome ngalokho.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa