UHunt uqine idolo ngokudla isicoco
INGASIVIKELA ngempumelelo isicoco sayo seTelkom Knockout iBidvest Wits inqobo nje uma abadlali bengeke bashintshe endleleni abaziphethe ngayo.
Lokhu kushiwo umqeqeshi weClever Boys, uGavin Hunt, ngemuva kokuthi ezakhe zikhiphele ekhaya iMaritzburg United ngoMgqibelo ebusuku.
Ayikho ingozi iWits ezithole ikuyo kulo mdlalo kodwa uHunt ubone okumkitazile ngesikhahti ephoqeleka ukuthi ashintshe abadlali ababili ngomzuzu ka-26 noka-32. UTerrence Dzvukamanja noThabang Monare kuphoqele ukuthi bakhishwe uHunt esiwombeni sokuqala ngenxa yokulimala.
Lokhu kuphoqe lo mqeqeshi ukuthi adlalise abadlali abathile ezindaweni abangazijwayele.
“Sikwenze konke ngendlela kulo mdlalo neMaritzburg. Uma kufanele ushintshe abadlali ababili ngenxa yokulimala singakapheli ngisho isiwombe sokuqala, noma kanjani lapho izinhlelo zakho zisuke sezinyomfekile njengomqeqeshi.
“Ngihlabeke umxhwele ngendlela abaziphathe ngayo abadlali engichibiyele ngabo. Lokhu kungiqinisa idolo ukuthi singasivikela lesi sicoco. Sesihambe ibanga elide kakhulu ukuthi sesingazithambisa manje,” kusho uHunt.
Uthe okumsize kakhulu ukuhlelela lo mdlalo ukuthi iMaritzburg iyaziwa ukuthi ayikho enye indlela edlala ngayo uma isekhaya ngaphandle kokuhlasela ngamandla.
“Konke okwenzekile besikulindele. Ukushaya amagoli amabili esiwombeni sokuqala bekukhombisa ukuthi sihlele ngendlela futhi sibabambe lapho bebancane ngakhona. Abazange bamshayele unozinti wethu esiwombeni sokuqala.
“Nakwesesibili akukho okuyingozi abebekwenza ngaphandle kokushaya amabhola amade aya phambili. Kwakhona lokho ngicabanga ukuthi sikumele kahle. Ngihlabeke umxhwele ngendlela abadlali bami abenze ngayo kulo mdlalo. Kuyethembisa impela. Osekusele manje ukuthi siqhubeke kanje singazithambisi,” kusho yena. Yize ejabule uHunt kodwa ukhalile ngendlela umgadli wakhe wase-Europe, uSimon Murray abeziphethe ngayo kulo mdlalo. “Uma uzobhekana neqembu likaFadlu (Davids) kufanele wazi ukuthi uzohlaselwa. Nangempela kube njalo, ikakhulukazi esiwombeni sesibili. Uma kodwa uhlele kahle uyakwazi ukumbamba engalindele uFadlu ngendlela adlalisa ngayo abafana bakhe.
“Besihlele ukuthi uMurray ame phakathi ebhokisini ukuze sizobheka yena uma sithola ibhola kodwa yena ubezenzela okwakhe, abuye atholakale eseceleni engasekho ngisho ebhokisini. Uzojwayela kodwa ngoba uzimisele ngokufunda konke ngebhola lakuleli,” kusonga lo mqeqeshi ozihola phambili kwi-log ye-Absa Premiership.