UTete ethubeni lokuphindiselela umkhaya wakhe
UZOLANI “Last Born” Tete ongumpetha weWorld Boxing Organisation (WBO) kufanele aphinde alinde esinye isikhathi ukuze atholane nembangi yakhe endala uRyan Burnett waseScotland.
Lokhu kulandela ukuhlulwa kukaBurnett nguNonito “Filippino Flash” Donaire empini yomqhudelwano iWorld Boxing Super Series ngoMgqibelo ebusuku. Impi iphele ngomzuliswano wesine emuva kokulimala kukaBurnett.
UTete usezobhekana nomngani wakhe uDonaire empini eyandulela eyamanqamu yomqhudelwano. Ubekade eshilo emasontweni edlule ukuthi ufuna ukubhekana noBurnett osekunesikhathi befunana naye. Nokho ukuwina kukaDonaire kusho ukuthi uzothola ithuba lokuphindiselela umkhaya wakhe uSimpiwe “V12” Vetyeka owahlulwa yile ngqwele eminyakeni edlule. UDonaire akakaze ahlulwe yibhokisa laseMzansi.
Omunye umshayisibhakela okhale ngaphansi kuDonaire nguJeffrey “Mongoose” Mathebula owasala ephuke umhlathi izindawo ezimbili. Impi kaTete noDonaire izoba ngonyaka ozayo.
Khonamanjalo, umqeqeshi wesibhakela waseBhayi, uCaiphus Ntante ubeke ithemba lakhe kwiWBO ngemuva kokufaka isikhalo ngokubanjwa inkunzi kwebhokisa lakhe uNozipho Bell ePoland libhekene nentokazi yendawo u-Ewa Brodnicka ngesonto eledlule.
UBell ukhale ngaphansi ngamaphuzu, womathathu amajaji impi eyinika uBrodnicka ngo 98-94. Yilo mphumela oholele ekutheni angajabuli uNtante. Ufuna impi ibuyekezwe kabusha nokungaholela ekutheni ibuyele eringini uma kuwukuthi uyaphumelela. Okunye okukhalise uNtante wukuthi amajaji amabili kwamathathu bekungawasePoland kuthi elinye kube ngelaseGermany.
Umqeqeshi kaBrodnicka, uMarco Brioschi, uthe ngokwakhe ibhokisa lakhe liwine ingcaca.
“Ukuya kwabo kwiWBO kufana nokumosha isikhathi. Lapha akekho noyedwa umuntu ositshele ukuthi bekufanele kuwine uNozipho. U-98-94 wamajaji uyihlabe esikhonkosini. Ngiyavuma ukuthi uBrodnicka akalwanga kahle okungenzeka ukuthi kudalwe wukuzilungiselela kodwa uNozipho akazange amnikeze inkinga. I-WBO angiboni izobavuna,” kusho uBrioschi emsakazweni.
Inhlangano yesibhakela kuleli, iBoxing South Africa (BSA), yethule ngokusemthethweni amabhande amasha. Le nhlangano kade isisebenzisa amabhande awodwa ezimpini kangangoba kukhona ompetha abangakaze bawaphathe ngezandla, abagcina ngokuwathinta uma bezongena eringini bezowavikela. IBSA inethemba lokuthi le nkinga isizoxazululeka. Kulokhu elabesifazane linombala obubende kuthi elabesilisa libe nombala oluhlaza nemigqa ephuzi.