Abakhaya baseSoweto bazotholana phezulu
IMPINDA yowabakhaya baseSoweto kweyandulela owamanqamu weTelkom Knockout ngemuva kokuthi iKaizer Chiefs iqhathwe ekhaya ne-Orlando Pirates, esanda kuyinika induku ka 2-1 kwi-Absa Premiership.
Komunye umdlalo kuzobhekana iBaroka neBidvest Wits.
Izolo iChiefs ikwazile ukuvika ingozi eMoses Mabhida Stadium, eThekwini izibekisela indawo kweyandulela owamanqamu ngokukhipha iSuperSport United iyihlula ngo 1-0 wegoli likaRamahlwe Mphahlele elingene esiwombeni sokuqala.
Izandla kubalandeli beChiefs beziphenduka ngokushesha befuna kube khona umdlali oshintshwayo uma eke wenza iphutha.
Lokhu kugqame esiwombeni sesibili i-United kuyiyona ebisihlasela ngamandla. Yilapho ngaphandle kwenkundla kubonakale ezikadalawane zingena enkundleni ziyolekelela onogada onqenqemeni oluvimba abalandeli. Isibalo samaphoyisa sibonakale siphezulu kakhulu uma siqhathaniswa nesangoEphreli lapho kwangena inyala eyodwa, kwagcina kuxoshwa uSteve Komphela, abalandeli bengena enkundleni ngemuva kokukhishwa yiFree State Stars kwiNedbank Cup.
Umdlalo uqale izinkulungwane zabalandeli zisengaphandle. Babizwe amavuvuzela abesho phezulu kwazise isiwombe sokuqala sivule ngegiya eliphezulu. Zibekwa amagqozo uBernard Parker ucishe wabeka iChiefs phambili kodwa wadlala ngomsebenzi esevinjwa kalula unozinti weSuperSport, uRonwen Williams.
Kuthe abalandeli baMakhosi besababaza lokho, zehla iziqhomo unozinti wezabo u-Itumeleng Khune, ebamba ibhola ngesandla ngaphandle kwebhokisi evimba u-Aubrey Modiba we-United. Unompempe ugcine ngokumnikeza ikhadi eliphuzi.
Amatsatsantsa a Pitori ahlomule nge-free kick ekhahlelwe uTeboho Mokoena kodwa wayivimba uKhune. IChiefs iqhubekile nokuba wuhlupho ezitobheni ze-United kodwa ithuba elehlele uWillard Katsande lashaya ipali. Elinye ithuba litholwe uGeorge Mululeka kodwa wamane wakhahlela ibhola elingatheni.
IChiefs ibuye yathola iphenathi ngemuva kokuthi uRichard Boateng edlalise kabi uMphahlele ebhokisini. UKatsande uyithathile kodwa waqinisa unyawo, yashaya ipali. Nokho uMphahlele ukwazile ukusheshe alivale lelo hlazo, wadonsa intambo engaphandle kwebhokisi yamudla uWilliams.
Ngasohlangothini lwezivakashi nazo beziqhubeka nokuwakha amathuba kodwa imizamo kaMothiba iphelele emoyeni nasezandleni zikaKhune.
Kubuywa ekhefini umqeqeshi we-United uKaitano Tembo wenze izinguquko ezimbili, edonsa uReneilwe “Yeye” Letsholonyane noGhampani Lungu, wafaka uThuso Phala no-Evans Rusike.
I-United ibiliphethe ibhola iChiefs isikhathi esiningi ingasakwazi ukuphuma engxenyeni yayo yenkundla kodwa awekho amathuba anzima uKhune abhekane nawo.
Abanye abalandeli beChiefs bese bengasenasineke befuna umqeqeshi uGiovanni Solinas enze ushintsho. Ngaphandle bekuviva u-Aro “Dax” Andrianarimanana kodwa bekungacaci ukuthi ngubani abafuna aphume.
USolinas ugcine edonsa uParker wafaka uPhilani Zulu. Iwashi selibheke ku-90, wakhipha uKhama Billiat wajikijela uDaniel Cardoso.