UDavids ufunde lukhulu ngabadlali
UFUNDE lukhulu ngabadlali bakhe umqeqeshi weMaritzburg United, uFadlu Davids, yize iqembu lakhe likhale ngaphansi kwiBidvest Wits kwiTelkom Knockout emdlalweni oshise zisuka ngakho kodwa ngoMgqibelo ebusuku eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu.
Ngokujwayelekile iMaritzburg iwathwalisa kanzima amaqembu uma eyivakashele eMphithi kodwa kulokhu iWits ifike yakhombisa ukuthi ayizele ukuzosinisa amahleza okufakazelwa wukuthi zithe ziya ekhefini abafana bakaGavin Hunt bese bevele behamba phambili ngo 2-0.
UDavids, obekhombisa izimpawu zokungadinwa ngemuva komdlalo, utuse abadlali bakhe ngokubhukula ngesikhathi esibi kade belandela ngemuva besekhaya. Uthe akuzange kumphathe kabi enhliziyweni ukuthi uphumileemqhudelwaneni ngoba kuvuleka ithuba lokugxila ezindabeni ze-Absa Premiership.
“Namuhla ngifunde lukhulu ngabadlali bami. Ayikho into emnandi njengokubona abadlali bakho bebhukula kodwa isimo sibaphikisa. Lokhu engikufunde ngabo namuhla kungiqinisa idolo ukuthi uma kwenzeka sihlangana nesimo esingelula kwiligi sinawo amava okuphunyula. Konke lokhu lokhu abakwenzile kuphinde kwangikhumbuza ukuthi nginawo amasosha.
“Ukuba semuva ngamagoli amabili udlalela ekhaya futhi ubhekene neqembu elicoboshisa kwasani kwligi kungenza abadlali badikibale kumbe bazithambise ngoba sebekwamukele lokhu okusuke kwenzeka kubona ngaleso sikhathi. Sibacindezele ngendlela eyenze ukuthi nabo babheke ngenye indlela. Ukuthola kwethu igoli kubafake amanzi emadolweni. “Ngikholelwa ekutheni ukube silitholile igoli lokulinganisa, besingaphumelela ukushaya elesithathu sinqobe umdlalo. Kube yibhadi nje ukuthi lokho akwenzekanga kodwa ngenelisekile ngendlela abafana bami abagijime ngayo. Ngikujabulele futhi ukuthi baphinde bangikhumbuze ukuthi ngiya nabo empini,” kusho uDavids. I-Maritzburg, ebisatshwa ngesizini edlule yaze yafinyelela nakowamanqamu okokuqala ngqa emlandweni wayo, ayizange iqale kahle le sizini. Asizange sishinsthe kangako isikimu sikaDavids kodwa kusobala manje ukuthi ukushiya kwesilomo esinguLebohang Maboe kubaphazamisile. UMaboe, osedlalela iMamelodi Sundowns, ubebonana kahle noSiphesihle Ndlovu (naye ongeyena ngokugcwele kusukela kusabalale amahlebezi okuthi naye usendleleni ebheke kwiSundowns).