UVan Zyl uvikele isithunzi sabagijimi baseMzansi
UVIKELE isithunzi sabagijimi baseNingizimu Afrika umgijimi wakuleli u-Irvette van Zyl enqoba isicoco seSoweto Marathon kwabesifazane izolo ekuseni.
UVan Zyl unqoba nje bese kuvalwe ngehlahla kwabesilisa njengoba kungekho noyedwa ongene kwabathathu kwabaphambili. Umhlanganiso udliwe uSintayehu Legese Yinesu (2.19.10) wase-Ethiopia obesinqoba okwesine eminyakeni emihlanu. Nyakenye lo mgijimi ungene endaweni yesibili ngemuva kokusidla amahlandla amathathu kulandelana.
UVan Zyl ogijima ngaphansi kweNedbank Athletics Club ezidlele amahlanga lapha, unqoba nje unosana olunezinyanga ezinhlanu.
Ngesikhathi enqoba nyakenye wayenamasonto amahlanu ekhulelwe, athe wayengazi ngaleso sikhathi ukuthi uzithwele.
Izolo akagcinanga nje ngokunqoba egoduka no-R250 000 kodwa ushaye irekhodi elisha lalo mgudu weSoweto Marathon ephelela eFNB Stadium. Ugqashule intambo ngo-2.33.40.
“Emqondweni wami bengizitshela ukuthi ngifuna ukugijima irekhodi (lo mgudu) kodwa ngabuye ngacabanga ukuthi uyashesha uma ngibheka isikhathi ebenginaso ukuziqeqesha njengoba senginezinyanga ezinhlanu ngibelethile. Ngizitshele ukuthi ngeke ngikwazi ukulishaya ngoba nesikhathi sokuziqeqesha besingekho. Empeleni angizange ngiziqeqeshe ngenxa yokuthi abantwana bami (ababili) bangenza ngibe matasa. Ngakho ngijabule kakhulu ngokuthi ngikwazile ukulishaya namuhla,” kusho uVan Zyl ekhuluma kwi-SABC ngemuva komjaho.
Uthe ngesikhathi esezizwa ukuthi uqala ukukhathala sekusele amakhilomitha ayisikhombisa ucabange izingane zakhe.
“Kodwa ngibuye ngacabanga ukuthi ukungawuqedi umjaho kuzongikhathaza kakhulu kunokuwuqeda,” kusho uVan Zyl.
Uthe okwamanje uzothatha ikhefu ahlale nezingane zakhe nomyeni wakhe uLJ van Zyl ongumgijmi we-400mH oseke wamela elakuleli kuma-Olympic.
Endaweni yesibili kwabesifazane kungene uMamarallo Tjoka waseLesotho, indawo yesithathu yathathwa uSelam Abere Alebchew waseEthiopia.
Kwabesilisa uYinesu ulandelwe uLebenya Nkoka waseLesotho noDada Ifa Debele.
Umgijimi wokuqala wakuleli oqedile kwabesilisa kube u-Edward Mothibi ongene endaweni yesithupha, oqede endaweni yesine kwiComrades Marathon yalo nyaka.
Imiphumela yeSoweto Marathon: Abesilisa Sintayehu Yinesu Lebenya Nkoka Dada Ifa Debele Teboho Noosi Justin Kemboi Edward Mothibi Teboho Sello Abebe Gondero Ramolefi Matsieloa Thabo Motaung Abesifazane Irvette van Zyl Mamorolla Tjoka Selam Abere Alebachew Genet Habela Worke Amena Charne Bosman Rene Kalmer Thabata Sigenu Nontokozo Mkhize Andronica Mokgotla