Ngidlale inhliziyo ibuhlungu: Nene
UDLALE inhliziyo iqaqamba umdlali weRoyal Eagles, uMphakamiseni Nene, ngemuva kokudlula emhlabeni komqeqeshi weqembu uRoger Sikhakhane.
Abadlali bezwe izindaba ngesikhathi belungiselela ukuyobhekana neMaccabi FC emdlalweni weNational First Division (NFD) ngoMgqibelo eChatsworth Stadium, eThekwini.
I-Eagles ebiwuphethe umdlalo kodwa yahlulwa wukusebenzisa amathuba igcine iguqe ngo 2-1. ULebogang “Cheeseboy” Mokoena ubeke phambili iMaccabi ngaphambi kokuthi uDiego Brown ashaye ingcwenga ye-free kick yokulinganisa. Nokho uThemba Mavundla uphule izinhliziyo zabadlali be-Eagles eshaya igoli lokuwina.
“Kube yizindaba ezibuhlungu kakhulu esizizwe sisadla isidlo sasekuseni. Kube buhlungu kakhulu kimina ngoba ngisebenzile naye kakhulu kwiThanda (Royal Zulu) sinqoba isicoco. Namanje ngisaphatheke kabi, ngidlalile nje ngoba bekumele kodwa inhliziyo yami isebuhlungu,” kusho uNene ngemuva komdlalo.
I-Eagles ayihleli kahle kwilog yeNFD. Isaqoqe amaphuzu awu-12 emidlalweni eyishumi. USikhakhane wagcina ukubonakala ebhentshini ngoSepthemba bedlala ngokulingana neTshakhuma Tsha Madzivhandila, wase ebanjwa wukugula.
Ngemuva kwalokho izintambo zibanjwe nguKagisho Dikgacoi noSazi Ngubane. Nokho uDikgacoi ugcine ngokumiswa esolwa ngokungaziphathi kahle.
Kube sekubamba uNgubane obesizwa yimenenja uJames Dlamini ebhentshini. USikhakhane ushone nje bese kuvele izindaba zokuthi i-Eagles isiqashe uZlatko Krmpotic waseSerbia ngesikhathi yena esalulama. Ukrmpotic ubekhona emdlalweni wangempelasonto kodwa engahleli ebhentshini ngoba kuthiwe usalinde amaphepha okusebenza kuleli.
UNene uthe kuzomele bazame ukulwela ukufeza isifiso sikaSikhakhane.
“Isifiso somqeqeshi bekuwukhuphula iqembu. Nathi kusho ukuthi kumele sibhukule ukuze siphumelelise isifiso sakhe sokukhushulwa noma sidlale kweyokuhlunga. Ubehlezi ekusho njalo ukuthi ufuna ukubona iqembu lidlala kwiPSL (Premiership).”
Uthe uzomkhumbula uSikhakhane ngokuthi ubehlezi ebakhuthaza ngokuthi badlale ibhola ngokukhululeka nangokuzethemba.
Imiphumela yeNFD: Ajax Cape Town 2-2 Real Kings; Pretoria University 0-3 Stellenbosch; TS Sporting 2-0 Cape Umoya; Tshakhuma 1-0 Witbank Spurs; Uthongathi 1-1 Mbombela United; Royal Eagles 1-2 Maccabi; Jomo Cosmos 1-1 Ubuntu Cape Town; Richards Bay 0-0 TS Galaxy.