Awumkhalisi umjiko weBucs owoSuthu
AKAYIBONI nencane inkinga ngomjiko we-Orlando Pirates uCavin Johnson, opheka AmaZulu FC ashaywe yiBucs ngo 3-1, kwi-quarter final yeTelkom Knockout (TKO) eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoMgqibelo.
Usuthu luzamile ukuyibamba iPirates njengoba umdlalo uphele ngo 1-1 esikhathini esijwayelekile. Nokho zithe uma sezingena esikhathini esengeziwe yavuka indlobane iPirates yashaya amagoli amabili umdlalo wagcina uphele ngo 3-1.
Amagoli amabili eBucs avalelwe nguThembinkosi Lorch elinye lashaywa uXola Mlambo. Igoli loSuthu lishaywe uBongi Ntuli.
Ngemuva kokuthi iPirates ishaye igoli lesithathu esikhathini esengeziwe ibe isilithinta, ijika sakubukisa ngabadlali baMaZulu. UMlambo, Qalinge (Thabo) noLorch yibona abebebukisa ngabadlali boSuthu bebajika. Lokhu bekubathokozisa abalandeli beZimnyama.
Sekuke kwaba khona abaqeqeshi abangakuthakaseli obekwenziwa yiBucs bekhala ngokuthi kukhombisa ukuthatha kancane isitha osuke udlala naso. Omunye walabo baqeqeshi wuPitso “Jingles” Mosimane owakhombisa ukungenami ngesikhathi iBidvest Wits ibashaya ngo 3-0 emdlalweni wamanqamu kwiMTN 8 ngo-2016.
Nokho umqeqeshi waMaZulu, uJohnson, uthe akayiboni nencane inkinga emjikweni obuwenziwa yiPirates.
“Nathi uma kungathiwa sihamba phambili emdlalweni singakwenza obekwenziwa yiPirates. Lena yinto yase-Afrika engingenayo nencane inkinga nayo. Kufanele sikuveze nokho ukuthi kwesinye isikhathi abanye abadlali abakuthathi kahle. Mina ngokwami ngiyakwemukela noma ngingakukhuthazi,” usho kanje uJohnson.
Eqhubeka enaba ngalolu daba lomjiko ube esephonsela inselelo amaqembu akuleli adlala kwiCAF Champions League nakwiCAF Confederation Cup.
“Mhlawumbe kungaba kuhle lokhu kujika sike sikwenze sidlala neTP Mazembe uma kuwukuthi sihamba phambili. Ngikholelwa ekutheni umhlaba asiwukhombisi ibhola lethu ngokwanele. Nabami abadlali ngiyabakhuthaza ukuthi badlale ngokukhululeka bajike nxa kunesidingo. Umehluko wukuthi mina ngiyaye ngibatshele ukuthi abajike ngenhloso beya phambili. Ukujika uya emuva akusizi ngalutho kodwa uma ujika uya phambili kukhona okwenzekayo,” kucacisa uJohnson.
Usuthu lusendaweni embi kwi-log ye-Absa Premiership njengoba luyibambe emsileni ngamaphuzu amathathu emidlalweni eyisishiyagalombili. Umdlalo olandelayo waMaZulu bazowudlala nePolokwane City ngoNovemba 11, eKing Zwelithini Stadium.