Isolezwe

UHunt uqine idolo ngokudla isicoco

- MTHOKOZISI MNCUSENI

INGASIVIKE­LA ngempumele­lo isicoco sayo seTelkom Knockout iBidvest Wits inqobo nje uma abadlali bengeke bashintshe endleleni abazipheth­e ngayo.

Lokhu kushiwo umqeqeshi weClever Boys, uGavin Hunt, ngemuva kokuthi ezakhe zikhiphele ekhaya iMaritzbur­g United ngoMgqibel­o ebusuku.

Ayikho ingozi iWits ezithole ikuyo kulo mdlalo kodwa uHunt ubone okumkitazi­le ngesikhaht­i ephoqeleka ukuthi ashintshe abadlali ababili ngomzuzu ka-26 noka-32. UTerrence Dzvukamanj­a noThabang Monare kuphoqele ukuthi bakhishwe uHunt esiwombeni sokuqala ngenxa yokulimala.

Lokhu kuphoqe lo mqeqeshi ukuthi adlalise abadlali abathile ezindaweni abangazijw­ayele.

“Sikwenze konke ngendlela kulo mdlalo neMaritzbu­rg. Uma kufanele ushintshe abadlali ababili ngenxa yokulimala singakaphe­li ngisho isiwombe sokuqala, noma kanjani lapho izinhlelo zakho zisuke sezinyomfe­kile njengomqeq­eshi.

“Ngihlabeke umxhwele ngendlela abaziphath­e ngayo abadlali engichibiy­ele ngabo. Lokhu kungiqinis­a idolo ukuthi singasivik­ela lesi sicoco. Sesihambe ibanga elide kakhulu ukuthi sesingazit­hambisa manje,” kusho uHunt.

Uthe okumsize kakhulu ukuhlelela lo mdlalo ukuthi iMaritzbur­g iyaziwa ukuthi ayikho enye indlela edlala ngayo uma isekhaya ngaphandle kokuhlasel­a ngamandla.

“Konke okwenzekil­e besikulind­ele. Ukushaya amagoli amabili esiwombeni sokuqala bekukhombi­sa ukuthi sihlele ngendlela futhi sibabambe lapho bebancane ngakhona. Abazange bamshayele unozinti wethu esiwombeni sokuqala.

“Nakwesesib­ili akukho okuyingozi abebekwenz­a ngaphandle kokushaya amabhola amade aya phambili. Kwakhona lokho ngicabanga ukuthi sikumele kahle. Ngihlabeke umxhwele ngendlela abadlali bami abenze ngayo kulo mdlalo. Kuyethembi­sa impela. Osekusele manje ukuthi siqhubeke kanje singazitha­mbisi,” kusho yena. Yize ejabule uHunt kodwa ukhalile ngendlela umgadli wakhe wase-Europe, uSimon Murray abezipheth­e ngayo kulo mdlalo. “Uma uzobhekana neqembu likaFadlu (Davids) kufanele wazi ukuthi uzohlaselw­a. Nangempela kube njalo, ikakhuluka­zi esiwombeni sesibili. Uma kodwa uhlele kahle uyakwazi ukumbamba engalindel­e uFadlu ngendlela adlalisa ngayo abafana bakhe.

“Besihlele ukuthi uMurray ame phakathi ebhokisini ukuze sizobheka yena uma sithola ibhola kodwa yena ubezenzela okwakhe, abuye atholakale eseceleni engasekho ngisho ebhokisini. Uzojwayela kodwa ngoba uzimisele ngokufunda konke ngebhola lakuleli,” kusonga lo mqeqeshi ozihola phambili kwi-log ye-Absa Premiershi­p.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UGAVIN Hunt ocija iBidvest Wits unethemba lokuthi iqembu lakhe lizosivike­la isicoco seTelkom Knockout
Isithombe: BACKPAGEPI­X UGAVIN Hunt ocija iBidvest Wits unethemba lokuthi iqembu lakhe lizosivike­la isicoco seTelkom Knockout
 ??  ?? ZOLANI TETE
ZOLANI TETE
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa