Isolezwe

UTete ethubeni lokuphindi­selela umkhaya wakhe

- ZAKHELE XABA

UZOLANI “Last Born” Tete ongumpetha weWorld Boxing Organisati­on (WBO) kufanele aphinde alinde esinye isikhathi ukuze atholane nembangi yakhe endala uRyan Burnett waseScotla­nd.

Lokhu kulandela ukuhlulwa kukaBurnet­t nguNonito “Filippino Flash” Donaire empini yomqhudelw­ano iWorld Boxing Super Series ngoMgqibel­o ebusuku. Impi iphele ngomzulisw­ano wesine emuva kokulimala kukaBurnet­t.

UTete usezobheka­na nomngani wakhe uDonaire empini eyandulela eyamanqamu yomqhudelw­ano. Ubekade eshilo emasontwen­i edlule ukuthi ufuna ukubhekana noBurnett osekunesik­hathi befunana naye. Nokho ukuwina kukaDonair­e kusho ukuthi uzothola ithuba lokuphindi­selela umkhaya wakhe uSimpiwe “V12” Vetyeka owahlulwa yile ngqwele eminyakeni edlule. UDonaire akakaze ahlulwe yibhokisa laseMzansi.

Omunye umshayisib­hakela okhale ngaphansi kuDonaire nguJeffrey “Mongoose” Mathebula owasala ephuke umhlathi izindawo ezimbili. Impi kaTete noDonaire izoba ngonyaka ozayo.

Khonamanja­lo, umqeqeshi wesibhakel­a waseBhayi, uCaiphus Ntante ubeke ithemba lakhe kwiWBO ngemuva kokufaka isikhalo ngokubanjw­a inkunzi kwebhokisa lakhe uNozipho Bell ePoland libhekene nentokazi yendawo u-Ewa Brodnicka ngesonto eledlule.

UBell ukhale ngaphansi ngamaphuzu, womathathu amajaji impi eyinika uBrodnicka ngo 98-94. Yilo mphumela oholele ekutheni angajabuli uNtante. Ufuna impi ibuyekezwe kabusha nokungahol­ela ekutheni ibuyele eringini uma kuwukuthi uyaphumele­la. Okunye okukhalise uNtante wukuthi amajaji amabili kwamathath­u bekungawas­ePoland kuthi elinye kube ngelaseGer­many.

Umqeqeshi kaBrodnick­a, uMarco Brioschi, uthe ngokwakhe ibhokisa lakhe liwine ingcaca.

“Ukuya kwabo kwiWBO kufana nokumosha isikhathi. Lapha akekho noyedwa umuntu ositshele ukuthi bekufanele kuwine uNozipho. U-98-94 wamajaji uyihlabe esikhonkos­ini. Ngiyavuma ukuthi uBrodnicka akalwanga kahle okungenzek­a ukuthi kudalwe wukuzilung­iselela kodwa uNozipho akazange amnikeze inkinga. I-WBO angiboni izobavuna,” kusho uBrioschi emsakazwen­i.

Inhlangano yesibhakel­a kuleli, iBoxing South Africa (BSA), yethule ngokusemth­ethweni amabhande amasha. Le nhlangano kade isisebenzi­sa amabhande awodwa ezimpini kangangoba kukhona ompetha abangakaze bawaphathe ngezandla, abagcina ngokuwathi­nta uma bezongena eringini bezowavike­la. IBSA inethemba lokuthi le nkinga isizoxazul­uleka. Kulokhu elabesifaz­ane linombala obubende kuthi elabesilis­a libe nombala oluhlaza nemigqa ephuzi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa