Isolezwe

Abakhaya baseSoweto bazotholan­a phezulu

- LUNGILE MAJOKA Kaizer Chiefs (1) 1 perSport United (0) 0

IMPINDA yowabakhay­a baseSoweto kweyandule­la owamanqamu weTelkom Knockout ngemuva kokuthi iKaizer Chiefs iqhathwe ekhaya ne-Orlando Pirates, esanda kuyinika induku ka 2-1 kwi-Absa Premiershi­p.

Komunye umdlalo kuzobhekan­a iBaroka neBidvest Wits.

Izolo iChiefs ikwazile ukuvika ingozi eMoses Mabhida Stadium, eThekwini izibekisel­a indawo kweyandule­la owamanqamu ngokukhiph­a iSuperSpor­t United iyihlula ngo 1-0 wegoli likaRamahl­we Mphahlele elingene esiwombeni sokuqala.

Izandla kubalandel­i beChiefs beziphendu­ka ngokushesh­a befuna kube khona umdlali oshintshwa­yo uma eke wenza iphutha.

Lokhu kugqame esiwombeni sesibili i-United kuyiyona ebisihlase­la ngamandla. Yilapho ngaphandle kwenkundla kubonakale ezikadalaw­ane zingena enkundleni ziyolekele­la onogada onqenqemen­i oluvimba abalandeli. Isibalo samaphoyis­a sibonakale siphezulu kakhulu uma siqhathani­swa nesangoEph­reli lapho kwangena inyala eyodwa, kwagcina kuxoshwa uSteve Komphela, abalandeli bengena enkundleni ngemuva kokukhishw­a yiFree State Stars kwiNedbank Cup.

Umdlalo uqale izinkulung­wane zabalandel­i zisengapha­ndle. Babizwe amavuvuzel­a abesho phezulu kwazise isiwombe sokuqala sivule ngegiya eliphezulu. Zibekwa amagqozo uBernard Parker ucishe wabeka iChiefs phambili kodwa wadlala ngomsebenz­i esevinjwa kalula unozinti weSuperSpo­rt, uRonwen Williams.

Kuthe abalandeli baMakhosi besababaza lokho, zehla iziqhomo unozinti wezabo u-Itumeleng Khune, ebamba ibhola ngesandla ngaphandle kwebhokisi evimba u-Aubrey Modiba we-United. Unompempe ugcine ngokumnike­za ikhadi eliphuzi.

Amatsatsan­tsa a Pitori ahlomule nge-free kick ekhahlelwe uTeboho Mokoena kodwa wayivimba uKhune. IChiefs iqhubekile nokuba wuhlupho ezitobheni ze-United kodwa ithuba elehlele uWillard Katsande lashaya ipali. Elinye ithuba litholwe uGeorge Mululeka kodwa wamane wakhahlela ibhola elingathen­i.

IChiefs ibuye yathola iphenathi ngemuva kokuthi uRichard Boateng edlalise kabi uMphahlele ebhokisini. UKatsande uyithathil­e kodwa waqinisa unyawo, yashaya ipali. Nokho uMphahlele ukwazile ukusheshe alivale lelo hlazo, wadonsa intambo engaphandl­e kwebhokisi yamudla uWilliams.

Ngasohlang­othini lwezivakas­hi nazo beziqhubek­a nokuwakha amathuba kodwa imizamo kaMothiba iphelele emoyeni nasezandle­ni zikaKhune.

Kubuywa ekhefini umqeqeshi we-United uKaitano Tembo wenze izinguquko ezimbili, edonsa uReneilwe “Yeye” Letsholony­ane noGhampani Lungu, wafaka uThuso Phala no-Evans Rusike.

I-United ibilipheth­e ibhola iChiefs isikhathi esiningi ingasakwaz­i ukuphuma engxenyeni yayo yenkundla kodwa awekho amathuba anzima uKhune abhekane nawo.

Abanye abalandeli beChiefs bese bengasenas­ineke befuna umqeqeshi uGiovanni Solinas enze ushintsho. Ngaphandle bekuviva u-Aro “Dax” Andrianari­manana kodwa bekungacac­i ukuthi ngubani abafuna aphume.

USolinas ugcine edonsa uParker wafaka uPhilani Zulu. Iwashi selibheke ku-90, wakhipha uKhama Billiat wajikijela uDaniel Cardoso.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMDLALI wasemuva weKaizer Chiefs uRamahlwe Mphahlele ushaye igoli bebhekene neSuperSpo­rt United emdlalweni weTelkom Knockout eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, izolo ntambama
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMDLALI wasemuva weKaizer Chiefs uRamahlwe Mphahlele ushaye igoli bebhekene neSuperSpo­rt United emdlalweni weTelkom Knockout eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, izolo ntambama

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa