Bakhathazwa wudlame lwabatelekile abekaplastiki
ABAQASHI embonini kaplastiki bathi ngeke babuyele ezingxoxweni zokuqeda isiteleka uma amalungu eNational Union of Metalworkers of South Africa (Numsa) eqhubeka nodlame.
Izolo iPlastic Convertors Association of South Africa (PCASA) ibike ukuthi kuhlaselwe amalungu ayo emafemini ahlukene futhi abanye abaqashi bayasatshiswa ngamalungu eNumsa aqhinqe ngaphandle kwamafemu.
Ithe isiteleka semboni kaplastiki sithikameza ukusebenza kwamafemu awu450 ezweni jikelele futhi ukungatholakali kwesixazulululo kungenxa yokuthi amalungu eNumsa anodlame.
Esitatimendeni esithunyelwe yiPCASA kwabezindaba, uMnuz Johan Pieterse, oyisikhulu esiphezulu sale nhlangano uthe abaqashi emafemini acekelwe phansi bathe ngeke bawalungise okusho ukuthi abantu bazolahlekelwa wumsebenzi.
“Siyathanda ukuthola isixazululo sesiteleka kodwa sivinjwa wudlame lwamalungu eNumsa. Siye enkantolo ngoLwesihlanu sifuna ukuthi kuvinjwe amalungu eNumsa acekela phansi impahla. Uma eqhubeka nezenzo zawo, iNumsa izohlawuliswa uR1 million, uNobhala wayo uMnuz Irvin Jim ahlawuliswe uR100 000 noma ayovalelwa ejele. Imboni kaplastiki inezinkinga ngoba incintisana nezinkampani zaseMpumalanga (Far East) ezidayisa imikhiqizo yazo ngamanani aphansi. Sinenkinga yezindleko zokusebenza ezimba eqolo ngakho isiteleka sizoholela ekutheni kuphele imisebenzi,” kusho uPieterse.
INational Employers Association of South Africa nayo ithe ikhathazekile ngodlame oluqhubekayo ngoba nesiteleka besingekho isidingo saso kodwa sibe khona ngenxa yokuthi iNumsa ayithandi ukulalela izixazululo.
Imizamo yokuthola iNumsa ayiphumelelanga njengoba uNksz Phakamile Hlubi-Majola obhekele ezokuxhumana ethembise ukuthi uzobuyela entathelini kodwa kwashaya isikhathi sokushicilela engaphendulanga.