Bancoma isiphakamiso ngabashayela bedlile
Okwamanje abashayeli ababoshelwa ukushayela bephuzile bayakwazi ukufaka isicelo sebheyili ngosuku ababoshwe ngalo ukuze bangalali esitokisini.
Kodwa labo abasuke bebhekene namacala akuSchedule 5 okubalwa kuwo awokubulala nokudlwengula abayitholi ibheyili ngelanga ababoshwe ngalo, kufanele baze bayovela enkantolo ngaphambi kokuthi banikwe ibheyili.
UMnuz Mukoni Ratshitanga okhulumela uNgqongqoshe wezokuBulungiswa, uMnuz Michael Masutha, uthe siyadingidwa isiphakamiso seRTMC ngoba kade yasinika ungqongqoshe.
UNkk Caro Smit, onguMqondisi weSouth Africans Against Drunk Driving (SADD), uthe lesi siphakamiso sibalulekile futhi kungakuhle uma siphumelela.
“Ukuhlala izinsuku eziyisikhombisa esitokisini kuzobavusa labo abashayela bephuzile ngoba kufanele bawuyeke lo mkhuba. Ukushayela uphuzile kuyicala elinzima kufanele kuthathwe ngendlela efanayo namacala okudlwengula nawokubulala,” kusho uNkk Smit.
UMnuz Richard Benson, ongumsunguli weRoad Safety Action, naye uhambe emazwini kaNkk Smit wathi kufa abantu abaningi ngenxa yabantu abashayela bephuzile.
Uthe uma kuwukuthi abashayela bephuzile bahlala izinsuku eziyisikhombisa esitokisini kufanele kwenzeke okufanayo nakulabo abashayela ngejubane eliphezulu.
Ubuzile ukuthi kungani iRTMC ingashintshi isigaba 89 seNational Road Traffic Act okuyinto okulula ukuyilawula.
“I-RTMC ikhetha ukuyohlupha uMnyango wezoBulungiswa esikhundleni sokushintsha imithetho ethinta yona ngqo,” kusho uBenson.