UBaxter uchaza ngokubuyisa uSerero
IHOXISE imibandela yokubizelwa eqenjini lesizwe indodana yolahleko, uThulani “Cream” Serero, ebizidingisile ngoba ifuna isiqiniseko sokuthi izosithola isikimu kwiBafana Bafana uma ibiziwe.
Izolo, umqeqeshi weBafana Bafana, uStuart Baxter, umangaze abaningi efaka igama likaSerero esikwatini esizobhekana neNigeria emdlalweni wokuhlungela i-Africa Cup of Nations (AFCON) ezoba seCameroon ngoJuni wonyaka ozayo. Umdlalo uzoba ngoNovemba 17 eFNB Stadium, eNasrec, ngo-3 ntambama.
USerero ogijima kwiVitesse, uncamele ukuzidingisa eqenjini lesizwe emuva kokuthi uBaxter ehlulekile ukumnika isiqiniseko sokuthi uma embizile uzomdlalisa. Ubekhala ngokuthi uhambela amahhala kwazise ubefike aphenduke ukudla kwebhentshi.
UBaxter uthe uSerero uzicelele ukuthi kubhekwe nangakuye uma sekubizwa isikwati ngoba udlala kahle okwamanje futhi akalimele.
“UThulani ukuvezile kubantu abakwiSafa ukuthi usefuna ukubuya. Ngikhulumile naye ngefomu yakhe. Wenza kahle kakhulu. Udlale kakhulu kuleli zinga. Ngixoxile naye savumelana. Bengifuna ukuthola kuyena ukuthi ukufuna kwakhe ukubizelwa esikwatini akunayo yini imibandela ngoba uzokhumbula ukuthi inkinga yakhe kwakungekhona ukuthi akafuni ukudlalela iqembu lesizwe.
“Inkinga yakhe kwakuwukuthi uma ezodlalela iqembu lesizwe akafuni ukuhlala ebhentshini noma nezihlwele. Bengifuna ukuba nesiqiniseko sokuthi ukubuya kwakhe akunayo yini imibandela. Unginikile isiqiniseko sokuthi akunayo. Ngijabulile ukuzwa lokho ngoba ungomunye wabadlali abadlale kuwona wonke amazinga,” kusho uBaxter.
“Kimina belibalulekile igama elithi ayikho imibandela. Uma ngiqoka ukumkhipha sekusele amanenjana kuphele umdlalo ngoba ngifuna ukufaka umdlali wasemuva ukuze sivale, kufanele akwamukele lokho, sixhawulane ahlale ebhentshini. Ngijabule ngoThulani, ngethemba ukuthi wonke umuntu uzojabula. Ungumdlali obalulekile. Wonke umuntu angasithatha isinqumo esingafanele. Limfanele ithuba lesibili njengabo bonke abantu.”
IBafana isendaweni yesibili kuGroup E ngamaphuzu ayisishiyagalombili. Isele ngephuzu kwiNigeria ezihola phambili. Elakuleli lidinga amaphuzu amathathu ukuze liqinisekise indawo kwi-AFCON. Awu-24 amazwe azodlala lo mqhudelwano nokuzobe kungokokuqala kwazise kujwayeleke ukuthi abe wu-16 kuphela. Kudlulela phambili amaqembu amabili aqede phezulu eqoqweni ngalinye. IBafana izodlala umdlalo wokugcina wokuhlunga neLibya ngonyaka ozayo.
IBafana iyona kuphela eqoqweni layo engakahlulwa futhi engakangenelwa yigoli. Emlenzeni wokuqala neNigeria iwine ngo 2-0 ekuhambeni, yadlala ngokulingana ngo 0-0 neLibya, yahlula iSeychelles ngo 6-0 yaphinda yabambana nayo ngo 0-0.
UBaxter uthe nakuba ibhola linokwalo kodwa akafuni iqembu lakhe lilinde umdlalo wokugcina ukuze lithole amaphuzu amathathu eliwadingayo.
“Uma kwenzeka, wonke umuntu kuzodingeka afingqe imikhono. Sizokwenza konke okusemandleni ukuthi singagcini sidinga ukuwina emdlalweni wokugcina. Angiyesabi iNigeria, engikwesabayo wukuthi asizethembi. Asikwazi ukuba nesibindi sibhekane nesimo. Kodwa ngiyethemba ukuthi ukulangazelela kwabadlali ukuya kwi-AFCON kuzosisebenzela. Ngiyakholelwa kulesi sikwati nokuthi sizowenza umsebenzi,” kusho uBaxter.
Ikhempu yeBafana izoqala ngeSonto. INigeria izotheleka kuleli ngoNovemba 16.