Isolezwe

USbahle Mpisane usagcinwe odokotela

- FANELESIBO­NGE BENGU

UYISE kaSbahle Mpisane, uSbu, uthe indodakazi yakhe isanyangwa ngodokotel­a esibhedlel­a ukuze ibuyele esimeni sayo.

Uthe indodakazi yakhe iphuke amathambo nokuyingak­ho odokotela besayigcin­ile.

“Umuntu uma ephuke amathambo akukhona ukuthi kufakwa into ethize bese eyalulama. Kuthatha isikhathi sezinyanga ezintathu kuya kweziyisit­hupha,” kusho uMpisane.

Uthe ukululama kukaSbahle kuhamba ngezigaba.

“Isigaba sokuqala bekungesok­uthi aphile. Esilandela­yo ukuthi aphole amanxeba ngoba walimala kanzima futhi ulashwa nawodokote­la bengqondo. Odokotela bamelapha ukuthi abe wumuntu ophelele, ophilayo,” kuchaza uMpisane.

Ugcizelele ukuthi uSbahle uyaphila futhi usesesibhe­dlela.

USbahle, ozakhele udumo ngokujima nokujimisa abantu, waphuthuny­iswa esibhedlel­a ngemuva kokuba sengozini yemoto emgwaqweni uMargaret Mncadi Ave (Victoria Embankment) eThekwini, ezintatha ngo-Agasti 9.

Amaphoyisa athi imoto yakhe, iBMW 4 Series, yashayisa qede yagqamuka amalangabi.

Ngenyanga eyedlule wabonakala okokuqala ekhuluma kwi-video eyafakwa wumfowabo, u-Andile, wabuye wayikhipha, lapho ayebonga khona abantu ngokumesek­a.

Kusukela le ntokazi eyayiyingx­enye yohlelo iTropika Island of Treasure, ingenile esibhedlel­a imiyalezo yokumfisel­a ukululama okusheshay­o, ibilokhu ingenile ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

 ?? Isithombe: MZANSI MAGIC ?? SEKUYAQALA ukwenzeka okwacelwa amakhosika­zi kaMusa Mseleku okuthi awashade njengoba ngoMgqibel­o kuzoshada uMusa noMaCele emshadweni ozoba sekhaya elikhulu
Isithombe: MZANSI MAGIC SEKUYAQALA ukwenzeka okwacelwa amakhosika­zi kaMusa Mseleku okuthi awashade njengoba ngoMgqibel­o kuzoshada uMusa noMaCele emshadweni ozoba sekhaya elikhulu
 ?? Isithombe: INSTAGRAM ?? USALULAMEL­A esibhedlel­a uSbahle Mpisane owalimala engozini yemoto ngo-Agasti 9 nonyaka
Isithombe: INSTAGRAM USALULAMEL­A esibhedlel­a uSbahle Mpisane owalimala engozini yemoto ngo-Agasti 9 nonyaka

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa