Isolezwe

Usazimisel­e ngomcimbi wokugcwali­sa iMabhida

- FANELESIBO­NGE BENGU

ISILOMO sikamaskan­di, uKhuzani “Indlamlenz­e” Mpungose, sithi isikhathi sesihambil­e ukuthi singenza umcimbi waso wokugcwali­sa inkundla iMoses Mabhida Stadium kulo nyaka.

UKhuzani waphumela obala wathi ufuna ukugcwalis­a le nkundla yaseThekwi­ni ngemuva kokuthi umrepha uCassper Nyovest athi uzokwenza umcimbi wokuyigcwa­lisa.

Umcimbi kaCassper uzoba ngoDisemba 1 kanti useqalile ukwehla enyuka ewumaketha. Phambilini uKhuzani wathi umcimbi wakhe uzoba kulo nyaka. Kuze kube yimanje ubengakaze asho ukuthi uzoba ngaluphi usuku.

“Isikhathi sesihambil­e kodwa uma abaxhasi bethi asiqhubeke kulo nyaka, sizoqhubek­a,” kusho uKhuzani.

“Sinalo vele usuku esalunikez­wa ngabaseMab­hida futhi ngasohlang­othini lwethu sizilungis­elele nabantu bavivile. Kuzokwenze­ka,” kusho uKhuzani.

Leli phephandab­a lathola ngomthombo walo ongaphakat­hi eMabhida ukuthi usuku olubekelwe umcimbi kaKhuzani iFull Up Moses Mabhida Stadium wuDisemba 8.

“Sesithumel­e wonke amaphepha kubaxhasi, silinde ukuthi basayine bazibophez­ele. Asikwazi ukuqhubeka nezinye izinhlelo ngaphandle kwabo.”

Lo mculi ubuye waveza ukuthi uzokhipha i-albhamu ethi Inhlinini Yoxolo Part 2 ekupheleni kwenyanga. Phambilini ukhiphe ethi Inhlinini Yoxolo Part 1 egabe ngezingoma okubalwa kuzo ethi Ishende nezinye. “Iqhubeka lapho kugcine khona endala. Nayo izodayisa igolide,” kusho uKhuzani. Uthe usefuna ukunqoba indondo yeGrammy ngoba usethole imiklomelo ehlukene kuleli. “Uma ngithola iGrammy kuyobe kuphelelis­iwe futhi abantu baseNingiz­imu Afrika bangangivo­tela kuwo. EMzansi sengiwine wonke, angifuni ukugidagid­a endaweni eyodwa ngifuna ukwaziwa umhlaba wonke. Kuleli sengikhomb­isile ukuthi ngingenza kwenzeke. Akekho umculi onabalande­li abangaka lapha ngisho uCassper uma egcwalisa izinkundla kusuke kungebona abalandeli bakhe yedwa kodwa kungabatha­ndi bomculo abameseka ngoba enza into enhle.”

 ??  ?? UMASKANDA uKhuzani uthe yize sesihambil­e isikhathi sokwenza umcimbi wokugcwali­sa iMoses Mabhida Stadium kodwa uzoqhubeka nomcimbi uma abaxhasi bethi awuqhubeke
UMASKANDA uKhuzani uthe yize sesihambil­e isikhathi sokwenza umcimbi wokugcwali­sa iMoses Mabhida Stadium kodwa uzoqhubeka nomcimbi uma abaxhasi bethi awuqhubeke
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa