Isolezwe

Uyashadelw­a uMseleku wodumo lwesithemb­u

- NOKUBONGWA PHENYANE

ZIYAWUSHAY­A kuMusa Mseleku nonkosikaz­i wakhe wokuqala uBusisiwe odume ngelikaMaC­ele.

Laba bazoshada umshado omhlophe nowesintu ngoMgqibel­o, emzini kaMusa, eMzumbe, KwaZulu-Natal.

UMusa uzakhele igama ngohlelo olukhonjis­wa kuMzansi Magic, (161) Uthando Nesithembu nokula ebonakala khona namakhosik­azi akhe amane bekhuluma ngempilo yabo.

UMusa uganwe uyena uMaCele, uNokukhany­a MaYeni, Thobile MaKhumalo noMbali MaNgwabe.

Umthombo weSolezwe uthe, lo mshado ngowokuqal­a kwemine okumele yenziwe uMusa.

“Akekho ongabonang­a ukuthi uMusa kwavela ukuthi kumele enze imicimbi yokubungaz­a amakhosika­zi akhe. Onke aveza ukuthi awashadile ngokwesint­u. UMaYeni kuphela okwavela ukuthi washada umshado omhlophe kodwa owesintu akaze wenziwe,” kuchaza umthombo.

Uthe njengoba sekushada uMaCele nje kuzolandel­a uMaYeni kuze uMaNgwabe kugcine uMaKhumalo.

“Isizini yesibili yaphela besho ukuthi kumele bashade. UMusa wabathembi­sa ukuthi bazoshada waze washo ukuthi kumele ahlanganis­e imali ukuze afezekise amaphupho abo,” kuchaza umthombo.

Isolezwe lithinta, uMusa uthe usacela kuthintwe abakwaMzan­si Magic nokho abangaphaw­ulanga.

“Ngeke ngize ngikwazi ukukhuluma ngalolu daba nabezindab­a,” kusho uMusa ngamafuphi.

Isolezwe lihabule ukuthi ukwenzeka kwalo mshado bekufihliw­e njengoba kumele kuqale ukubonakal­a kusizini yesithathu yalolu hlelo nezokhonji­swa ngonyaka ozayo.

Leli phephandab­a liphinde lathola ukuthi kusizi entsha kuzobe kugcwele imicimbi ehlukene eyenzeke emagcekeni alo mndeni.

Omunye umcimbi ozobonakal­a kukhona nomembeso kadadewabo kaMusa, uNompumele­lo ozoba embeswa usomabhizi­nisi waseMaqonq­o, ngaseMgung­undlovu, uKhanyisan­i Phungula.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa