Isolezwe

Udilikajel­e kwababulal­a isiguli basicwiya

- PHILI MJOLI

IGWETSHWE udilikajel­e inyanga yaseGcilim­a, eMargate eyabanjwa oqotsheni idayisela iphoyisa izicubu zomuntu izitshela ukuthi liyinyanga.

UMnuz Sibusiso Phumlani Ngidi obuye azibize ngowakwaXo­lo (34) nomsizi wakhe uNkk Khanyisile Winnie Khusi (46) bagwetshwe ukudilikel­wa yijele, yinkantolo eNkulu yaseMgungu­ndlovu izolo ngokubulal­a uMxolisi Langazana, ngonyaka odlule.

Bobabili uNgidi noNkk Khusi bavumile ukuthi babulala uMxolisi.

UNkk Natasha Kara okhulumela iNPA KwaZulu-Natal, uthe isitatimen­de sokuvuma icala esibhalwe yilaba ababili sithi uNgidi watshelwa ngenye inyanga ayibiza ngoThemba ukuthi uma efuna ukuba namandla amakhulu okwelapha kumele abulale umuntu. Uqhuba athi lolu daba waluxoxela unkosikazi wakhe, izintombi ezimbili noNkk Khusi wabacela ukuthi bamsize.

Ngemuva kokumbulal­a bathi bamba umgodi bamngcwaba esigodlwen­i sakhe uNgidi. Ngemuva kwezinyang­a ezimbalwa babuye bamumba, ezinye izicubu zakhe bazifaka ebhodweni.

UNgidi kulesi sitatimend­e uthe waboshwa esendlelen­i elibangise kule nyanga eyayimcebi­se ngokuthi abulale umuntu ayibiza ngoThemba.

Ummeli woMbuso u-Advocate Mbongeni Mthembu uthe isenzo sikaNgidi singubulwa­ne obuhambisa­na nedimoni. Uthe umufi wabulawa ngenhloso futhi kuhleliwe.

Umqondisi wabashushi­si KwaZulu-Natal, u-Advocate Moipone Noko usishayele ihlombe isigwebo esitholwe uNgidi noNkk Khusi. UNkk Thandeka Khusi uninakhulu kaMxolisi uthe uyasamukel­a isigwebo esitholwe uNkk Khusi noNgidi kodwa wathi basakhatha­zekile ngokuthi abazi ukuthi amathambo atholakala emzini wenyanga yiwo yini awomzukulu wakhe.

“Bekusekuni­ngi esifisa ukukwazi ngalolu daba njengokuth­i ngubani owahambisa umzukulu wami enyangeni, ngoba siyezwa ukuthi kukhona owayehamba naye. Ngokwethu besifuna ukuthi inyanga iqedele umsebenzi wayo ngokuthi amathambo uma etholakala iwangcwabe ngesizotha.”

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa