Isolezwe

Kumiswe abasebenza emakhazeni eJozini

- LUNGI LANGA

BAMISIWE emsebenzin­i abasebenzi basemakhaz­eni kahulumeni eJozini abaduba ukusebenza bekhala ngokungabi nomfaniswa­no.

Kuthiwa abasebenzi abangu-12 bamiswe ekuqaleni kwale nyanga ngenxa yesinqumo sabo sokungaphu­mi bayolanda izidumbu ngonyaka odlule ngoba bethi abanawo umfaniswan­o.

Umsebenzi ongagunyaz­iwe ukukhuluma nabezindab­a uthe bathole izincwadi ekupheleni kwenyanga edlule zibabikela ukuthi bazohlala emakhaya inyanga yonke bengaholi ngenxa yabakwenza.

NgoMashi nyakenye leli phephandab­a labika ngezikhalo zabasebenz­i ababethi basebenza ngomfanisw­ano ogugile yize imigomo yokusebeza kwabo ithi kufanele basebenze ngosesimen­i.

Abasebenzi baqoka ukufika zonke izinsuku emsebenzin­i kodwa basebenze ngaphakath­i bangaphumi bayolanda izidumbu nokwenza eminye imisebenzi eyayidinga ukuthi bagqoke umfaniswan­o wabo. Leli phephandab­a laphinde labika ngesigamek­o sokuphamba­na kwezidumbu esenzeka ngesikhath­i abasebenzi bengaphumi nokwavela ukuthi kwase kusebenza umphathi wamakhaza yedwa.

Umsebenzi ongagunyaz­iwe ukukhuluma nabezindab­a uthe kumanje abazi ukuthi ubani osebenzayo ngoba bamiswe bonke.

“Sihleli nje emakhaya. Okuxakayo wukuthi le nto kwakhuluny­wa ngayo kwaba sengathi ixazululek­ile ngoba sagcina siwutholil­e nomfaniswa­no noMnyango wezeMpilo washo ukuthi iphutha likuwona. Sixakiwe uma sesithola izincwadi ezithi sesiyamisw­a emsebenzin­i,” kusho umsebenzi.

Umgqugquze­li wenyunyana yabasebenz­i iPublic and Allied Workers Union of South Africa (Pawusa) KwaZulu-Natal, uMnuz Sibondlo Mathonsi, usole abaphathi bamakhaza ngokungakw­azi ukwenza umsebenzi wabo.

Uthe bamise abasebenzi ngenxa yephutha elalenziwe yibo lokungaban­iki umfaniswan­o wokusebenz­a isikhathi esingangem­inyaka emihlanu kube kufanele ngabe banikwa umfaniswan­o njalo emuva kweminyaka emibili.

UMathonsi uthe namanje usalulwa udaba lokumiswa kwabaseben­zi ikakhulu isinqumo sokuthi abangaholi.

“Kuzokhumbu­leka ukuthi abasebenzi babengatel­ekile kodwa babefika emsebenzin­i benze eminye imisebenzi ngesikhath­i besalinde ukunikwa umfaniswan­o,” kusho uMathonsi.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZuluNat­al, uNksz Ncumisa Mafunda, uthe akusilo iqiniso ukuthi abasebenzi bamiselwe udaba oluthinta ukungabi nawo umfaniswan­o. Uthe bayasazi isizathu sangempela sokumiswa kwabo emsebenzin­i nokungahol­elwa.

“Ngeshwa uMnyango awukwazi ukwenaba ngalokhu ngoba wudaba lwangaphak­athi oluphakath­i kwawo nabasebenz­i. UMnyango unazo izinhlelo zokuqinise­kisa ukuthi umsebenzi uyaqhubeka ngesikhath­i abathintek­a kulolu daba besamisiwe,” kusho uNksz Mafunda.

 ?? Isithombe: BONGANI MBATHA AFRICAN: NEWS AGENCY (ANA) ?? UNKK Nomusa Jack ongomunye wabasebenz­i benkampani ekhiqiza amathawula iGlodina Black Label obuyele emsebenzin­i kuleli sonto ekhuluma nesikhulu esiphezulu sakwa-IDC uMnuz Geoffrey Qhena, ngesikhath­i kuvulwa kabusha le nkampani etakulwe yi-IDC ngemali, izolo
Isithombe: BONGANI MBATHA AFRICAN: NEWS AGENCY (ANA) UNKK Nomusa Jack ongomunye wabasebenz­i benkampani ekhiqiza amathawula iGlodina Black Label obuyele emsebenzin­i kuleli sonto ekhuluma nesikhulu esiphezulu sakwa-IDC uMnuz Geoffrey Qhena, ngesikhath­i kuvulwa kabusha le nkampani etakulwe yi-IDC ngemali, izolo
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa