Abangu-138 abebediliziwe babuyiselwe emsebenzini
KUBE yinjabulo yodwa kubasebenzi abangu-138 obese kuphele unyaka behleli emakhaya ngemuva kokudilizwa enkampanini ekhiqiza amathawula, iGlodina Black Label, eseHammarsdale bebuyiselwa emsebenzini izolo ngemuva kokungenela kukahulumeni nophiko oluthuthukisa izinkampani ezisemkhakheni wokukhiqiza i-Industrial Development Corporation (IDC). Le nkampani evulwe ngokusemthethweni izolo itakulwe yi-IDC efake imali enguR150 million yokuthi iqale phansi ikhiqize. I-IDC inxenxwe uMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nokoNgiwa Kwemvelo KwaZulu-Natal ngemuva kokuthi le nkampani ivaliwe kwadilizwa abasebenzi abangu-500 ebebesebenza kuyo.
UNksz Nomkhosi Khomo osebenza ngomshini, ongomunye wabasebenzi abaqale ukusebenza ekuqaleni kwale nyanga, uthe bese kuphele unyaka engasebenzi. “Bese ngineminyaka engu-10 ngisebenza kule nkampani okwakusebenza kuyo umama. Ngondla izingane zami ezimbili ngemali ebengiyihola, ngijabule kakhulu uma ngibizwa kuthiwa angibuyele emsebenzini. Sibonga kakhulu eMnyangweni wezokuThuthukiswa koMnotho ngokusilethela i-IDC. Sizokwazi ukuthengela izingane zethu amathoyizi ngoKhisimusi,” kusho yena.
UNksz Nontsikelelo Kweyama uthe akakholwanga ngesikhathi eshayelwa ucingo kuthiwa akazoqala emsebenzini.
“Ngijabule kakhulu ngibuyele emsebenzini wokuthunga nokulungisa amathawula aphuma emshinini,” kusho yena.
UNgqongqoshe woMnyango, uMnuz Sihle Zikalala, uthe ukwanda kwemikhiqizo ethengwa emazweni angaphandle kufaka ingcindezi emboninini yokukhiqizwa kwendwangu kuleli.
“Siwumphakathi kumele nathi sizifundise ukuthenga imikhiqizo yakuleli ukuze sivikele imisebenzi,” kusho uZikalala.
Uthe umbiko weStatistics SA wamakota amathathu akulo nyaka ukhombisa ukuthi kulahleke imisebenzi eminingi kuleli kodwa ngesikhathi esifanayo, lo mbiko ukhomba ukuthi isifundazwe iKwaZulu-Natal sikwazile ukuvula amathuba amasha omsebenzi.
“Ngokocwaningo lwethu kuvela ukuthi izinkampani ezisathuthuka zivule amathuba omsebenzi amaningi,” kusho uZikalala.
Uqhube wathi ukubambisana phakathi komnyango wakhe ne-IDC kuqale nyakenye ngemuva kokuthi iGlodina iveze ukuthi izodiliza abasebenzi bese iyavalwa.
“Ukuvalwa kwenkampani enkulu kangaka bekuzokwandisa isibalo sabantu abaningi abangasebenzi, siwuhulumeni sinejoka lokuthi sivule amathuba omsebenzi kungakho sibambisene neIDC ukuze abasebenzi babuyele emsebenzini,” kusho uZikalala.
UMnuz Goeffrey Qhena isikhulu esiphezulu sakwa-IDC, uthe lolu phiko lutshale uR1 billion emikhakheni eyehlukene kulo nyaka, u-25% waleyo mali uthe bayitshale emkhakheni wokukhiqizwa kwendwangu. Uthe bahlele ukuthi ekupheleni kukaJanuwari isibalo sabasebenzi ababuyele emsebenzini sibe sesenyulekele ku-200.