‘Uma ngithola ugcobho endodaneni ngizoyibopha’
UMENGAMELI Cyril Ramaphosa useqinisekise amalungu ePhalamende ukuthi uma kungukuthi indodana yakhe ithole imali ngendlela engafanele enkampanini iBosasa, uzoyiyisa yena ejele.
URamaphosa uthe ukhulumile nendodana yakhe uMnuz Andile Ramaphosa ngemali ayithola kule nkampani.
“Uma kungukuthi akuzange kulandelwe imigomo, ngizoba owokuqala ukuqinisekisa ukuthi uyaphendula. Uma ngithola ugcobho ngizombopha. Uma lokhu kusho ukuthi ngimyisa mina enkantolo, ngiyokwenza lokho. Ngizitshelile izingane zami ukuthi zingalinge zenze ibhizinisi nezinkampani ezingaphansi kukahulumeni, ziyangilalela,” kusho uRamaphosa.
Uthe uma kunenkohlakalo uzoziyisa yena ejele ngoba ngeke akwamukele ukuthi kube nenkohlakalo. Ukusho lokhu ephendula umbuzo womholi weDA uMnuz Mmusi Maimane ePhalamende izolo, obuze ngemali eyatholwa ngu-Andile kwiBosasa.
UMaimane uthe kunencwadi efungelwe eyenziwe yizikhulu zeBosasa ezathi zayalelwa ukuthi zikhokhele u-Andile imali.
URamaphosa uthe indodana yakhe imtshelile ukuthi ukhona umsebenzi ewenza neBosasa.
IBosasa ike yaba sezindabeni njengoba iPhini likaNgqongqoshe wezobuLungiswa nezokuHlunyeleliswa kweziMilo uMnuz Thabang Makwetla kwaqiniswa ezokuphepha mahhala emzini wakhe, okwenziwa yiBosasa. Elinye ilungu le-ANC uMnuz Vincent Smith laphika ukuthi kunemali elake layithola ivela kule nkampani.
URamaphosa ubuye wathi kubalulekile ukuthi liphinde livuswe ibhange iVBS Mutual kodwa uma sekukhucululwe yonke inkohlakalo.
Uthe kumele abahlomula kuleli bhange bathathelwe izinyathelo ezinqala.
“Iyakhathaza indaba yenkohlakalo eyenzeka kuntshontshwa imali kuleli bhange, okubuhlungu nje abantu abahluphekayo abadlala izitokofela yibona ababa yizisulu. Abashushiswe bonke abahlomula kuleli bhange.” Uthe kanjalo nalezo zikhulu zomasipala ezatshala imali kuleli bhange zazi kahle ukuthi akufanele zenze lokhu kumele zishushiswe. Ephendula mayelana nezinkinga ezibhekene neSAA, uthe uma ingase idayiswe le nkampani, akukho nzuzo eyongena ngoba inezikweletu.
“I-SAA inezikweletu ngeke kulethe nzuzo ukuyidayisa. Uma kumele siyidayise kuyomele izikweletu ezikhona zikhokhwe manje.”
Uphawule nangezokuphepha ezikoleni wathi amaphoyia asebenzisana noMnyango weMfundo eyiSisekelo ukuqinisekisa ukuthi izikole ziphephile. “Iyinkinga eyezokuphepha ezikoleni yingakho amaphoyisa esebenzisana nomnyango ukulwa nalesi sihlava. Kunamakomiti ezokuphepha asungulwe emaphoyiseni ukuze kuliwe nale nkinga.”