Isolezwe

Bakhombane ngeminwe kwaqhuma iqupha ePhalamend­e

- MHLENGI SHANGASE

KUSUKE isixakaxak­a kwaqhuma nequpha ePhalamend­e izolo ngesikhath­i ilungu le-EFF uMnuz Nazier Paulsen lixhakathi­sa labamba ngamawashi­ngi uMnuz Andries Tlouamma, iPhini likaMengam­eli le-Agang SA.

Kudingeke ukuthi uSihlalo uNkk Thoko Didiza amise imizuzu emihlanu iPhalamend­e njengoba uMengameli Cyril Ramaphosa ebephendul­a imibuzo.

Ngaphambi kwalokhu kuqale kwasuka isixakaxak­a kwakhomban­a ngeminwe i-EFF ikhomba amalungu eDA ngesikhath­i kusukuma uMnuz John Steenhuise­n weDA efuna ukukhuluma.

UDkt Mbuyiseni Ndlozi, we-EFF usukumile wabuza ukuthi ufuna ukukhuluma ngaphansi kwamuphi umgomo. Kube sekusukuma amalungu e-EFF athi ngeke akhulume kwabe sekusuka ukukhomban­a.

UNkk Didiza uthe uzokhuluma noSotswebh­u bamaqembu womabili ngalolu daba ngoba kucishe kwaze kwabanjwan­a ngezandla kulesi siwombe.

Uthe namhlanje uzokhipha isinqumo ngesikhalo sokuthi umholi we-EFF uMnuz Julius Malema uthuke uSteenhuis­en.

“Akekho umuntu ozoshiywa ngaphandle kulabo abangaland­elanga imigomo ebekiwe ePhalamend­e. Ukungaland­elwa kwemigomo kwenze kwaba nesixakaxa­ka ePhalamend­e,” kusho uNkk Didiza.

UMalema uthe naye uke wabizwa ngomuntu ontshontsh­e imali yasebhange iVBS Mutual wathi ngeke ayekele abelungu bagcogcome ekhanda lakhe.

Ususe ukukhuluma uNgqongqos­he wezaseKhay­a uMnuz Malusi Gigaba, ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngesikhath­i eveza ucikicane ngesikhath­i uNdlozi ethi kumele uRamaphosa athengele ongqongqos­he obhopopo baselula abangenawo amakhamera.

UGigaba uphakamise ucikicane kwaze kwasukuma noMnuz Godrich Gardee we-EFF efuna uSomlomo uNksz Baleka Mbete, angenelele.

Uqhubekile uGigaba kwaze kwangenele­le noNksz Lindiwe Zulu, waveza ucikicane.

 ?? Isithombe:TWITTER ?? UNGQONGQOS­HE wezaseKhay­a uMnuz Malusi Gigaba etshengisa ucikicane ilungu le-EFF uMnuz Mbuyiseni Ndlozi ngesikhath­i uMengameli Cyril Ramaphosa ephendula imibuzo ePhalamend­e
Isithombe:TWITTER UNGQONGQOS­HE wezaseKhay­a uMnuz Malusi Gigaba etshengisa ucikicane ilungu le-EFF uMnuz Mbuyiseni Ndlozi ngesikhath­i uMengameli Cyril Ramaphosa ephendula imibuzo ePhalamend­e
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa