Isolezwe

Uthishanhl­oko kuthiwa ushaye iphini kwamuncu esikoleni

- ZANELE MTHETHWA

SIMUNCU isimo eMbhekwa Secondary, oPhongolo, emuva kokuba uthishanhl­oko emangalelw­e yiphini lakhe elithi ulishayile.

Uthishanhl­oko usolwa ngokudelel­a othisha asebeze bamceba nasezikhul­wini zomnyango wezemfundo.

Ukuba muncu kwesimo kufakazelw­a nawukuthi abanye othisha abasamkhul­umisi uthishanhl­oko oneminyaka emibili efikile esikoleni.

Othisha bathe akusaseben­zeki ngenxa yokuphathw­a ngesandla sensimbi.

Uthishanhl­oko kuthiwa ubatshela emehlweni othisha ukuthi kabafundil­e yingakho isikole singenzi kahle.

Othisha babhalele umnyango esiyingini bebika udaba. Babikele neSouth African Council of Educators, okuthiwa iyaqhubeka nezithanga­mi zokuqondis­a ubugwegwe.

Kuthiwa ngoFebhuwa­ri uthishanhl­oko waxabana nephini lakhe walishaya phambi kwabanye othisha ehhovisi lakhe.

Iphini lalikade libambe isikhundla ngo-2015 engakaqokw­a uthishanhl­oko. Udaba lugcine lubikelwe umnyango wanquma ukuthi iphini lidlulisel­we kwesinye isikole ukuze kube nokuthula.

Iphini, elaziwa ngoMnuz Mzimela, lenqabile ukuphawula. Uvumile ukuthi usekwesiny­e isikole kodwa wacela kuthintwe umnyango ngoba yiwona ophethe udaba lwakhe.

Okhulumela isigungu esilawula isikole, uMnuz Vikimpi Nkambule, uthe bayazi ngezinking­a ezibikwe wothisha kodwa abangeni kuzona ngoba zithinta umsebenzi wabo.

“Esikwaziyo wukuthi ukufunda nokufundis­a akuphazami­sekile ngoba othisha bakhona esikoleni. Okungale kwalokho ngeke singene kuko ngoba kuthinta umsebenzi wabo othisha ngaphakath­i. Sidedele umnyango ukuthi ulungise udaba ngoba kasihlanga­nyeli ezithangam­ini zokuqondis­a ubugwegwe ezikhona,” kusho uNkambule.

Uthishanhl­oko, Isolezwe elinalo igama lakhe, ushayelwe ucingo wathi usemhlanga­nweni maqede waluvala.

Ubuye wathunyele­lwa umyalezo ngeSMS okushaye isikhathi sokuloba engakawuph­enduli.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo esifundazw­eni, uMnuz Sihle Mlotshwa, uthe kunoma yisiphi isikole bafuna uthishanhl­olo abe yisibonelo ngokuzipha­tha kahle phambi kwabanye othisha.

Uthe bazofuna umbiko ophelele esifundeni ukuthola ukuthi yiziphi izinyathel­o esezithath­iwe ngalezi zinsolo.

Unxuse othisha ukuthi balandele imigudu efanele uma benganeme ngendlela okusetshen­zwa ngayo esikoleni ukuze ukufundisa kungaphaza­miseki.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa