Isolezwe

Ubonga Isolezwe obesenking­eni

- BONISWA MOHALE

UBONGA amandla eSolezwe uNkk Sibongile Sylvia Simelani (70) ohole impesheni yakhe nesibonele­lo sabazukulu bakhe abane kule nyanga emuva kokungahol­i ngenyanga edlule.

UNkk Simelani wathola ukuthi impesheni yakhe nesibonele­lo sabazukulu kukhishwe ngumuntu othile eMzinto owenze ikhadi elisha lokuhola isibonelel­o sakwaSouth African Social Security Agency (Sassa).

Izolo utshele Isolezwe ukuthi uyitholile imali yakhe waveza nokuthi ukube akazange akhulume neSolezwe akazi noma wayezoyith­ola yini imali.

“Ngiyabonga kwiSolezwe ngoba likhombisa ngokusobal­a ukuthi libakhatha­lele abantu. Ngafika emahhovisi alo ngididekil­e ngoba kungacaci ukuthi imali yami ishonephi njengoba ngathi uma ngiyohola ngatshelwa ukuthi ikhishwe wumuntu owenze ikhadi elisha eMzinto. Angikaze ngihlale eMzinto mina ngizihlale­la ngaphandle kwasePinet­own,” kusho uNkk Simelani. Uthe yize kumjabulis­a ukuthi uyitholile imali kodwa usakhathaz­ekile ngoba akazi noma umuntu owakhipha imali yakhe utholakele yini njengoba abakwaSass­a bengamtshe­li ukuthi uphenyo lwabo luhamba THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. kanjani.

“Isolezwe liwenzile umsebenzi walo ngoba lenze isiqinisek­o sokuthi imali ngiyayitho­la kwabakwaSa­ssa akade bengacacis­i ukuthi ngizoyitho­la noma cha. Babethe angivule icala bathi bazophenya. Uma sekungenel­ele Isolezwe banginika ithemba lokuthi imali ngizoyitho­la. Ngikhathaz­ekile ngokuthi ongiqolile usazoqola abanye ngoba angitshelw­anga ukuthi utholakele noma kwenzenjan­i. AbakwaSass­a abangazisa­nga ukuthi uphenyo lwabo luhamba kanjani,” kusho uNkk Simelani.

Isolezwe lizamile ukuthola imiphumela yophenyo kwabakwaSa­ssa kodwa kuze kwashaya isikhathi sokushicil­ela bengaphend­ulanga.

Begcina ukukhuluma neSolezwe ngo-Okthoba 16 babethe uphenyo lwabo lusesigabe­ni esibucayi abakwazi ukutshela intatheli okuqhubeka­yo kuzothi uma seluphothu­liwe bazise uNkk Simelani.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa