Isolezwe

Bavulwe amehlo esithangam­ini

- ZANELE MTHETHWA

UPHAMBENE nomthetho umkhuba wezinkampa­ni ezishintsh­a usuku lokubamba imali kwi-akhawunti yokweletay­o ngaphandle kokuvumela­na naye.

Lokhu kushiwo nguMnuz Tim Masela oyiNhloko yeNational Payment System kwaSouth African Reserve Bank (SARB).

UMasela ukusho lokhu engxoxweni ekhethekil­e neSolezwe nephini lakhe uNkk Nomwelase Skejana emuva kwesithang­ami sokufundis­a ngezimali ebesihlelw­e yiSolezwe ngempelaso­nto.

UMasela uthe njengoba sekusondel­e amaholidi kaKhisimus­i, ziningi izinselelo ezizobheka­na namakhasim­ende.

Kulesi sithangami ebesigxile ekubanjwen­i kwamaDebit Order ngokungemt­hetho, abantu bakhale ngokuthi uma kungamahol­idi izinkampan­i zishintsha izinsuku ezibamba ngazo imali kumakhasim­ende.

“Akukho emthethwen­i ukuzibambe­la iDebit Order ngosuku okungavuny­elwananga ngalo. Kumele kube usuku okwavunyel­wana ngalo ngoba uma bezibambel­a kungagcina umuntu enegama elibi,” echaza.

Enaba ngalokhu uNkk Skejana uthe ezinye izinkampan­i ziyawathum­ela amaSMS kumakhasim­ende uma kuzoshints­ha usuku lweDebit Order. Ukhale ngokuthi amanye amakhasime­nde awawanaki amaSMS futhi angawuphen­duli bese ibhange nezinkampa­ni bayazibamb­ela.”

Mayelana nezinye izinkinga ezijwayele ukwanda ngamaholid­i kaKhisimus­i, uNkk Skejana ubale ukuqolwa kwabantu ngamaselul­a njengoba abanye besebenzis­a iCellphone Banking. “Njengoba kusondele uKhisimusi kuzokwanda nokuqhamuk­a kwamaDebit Order angagunyaz­iwe. Kubaluleki­le ukuthi umuntu avikele yonke imininingw­ane yakhe ayigcine kumaselula. Sekukhona nobugebeng­u obenzeka uma umuntu engene kuWiFi yamahhala. Akumele abantu bangene kuma-App anemininin­gwane yasebhange uma kuneWiFi yamahhala ngoba yilapho imali yebiwa khona,” kuchaza uNkk Skejana.

Okunye okube yizikhalo kulesi sithangami ukuthushuk­a kwamaDebit Order anemali engaphansi kukaR100.

Ababanjelw­a lezi zimali bathi kuthatha isikhathi ukubona kwi-akhawunti ngoba neselula ayibiki ngeSMS uma kuhambe imali encane.

UMasela uthe uzokhuluma nososeshin­i wamabhange ukuwaphoqa ukuthi aziveze nezimali ezingaphan­si kukaR100. Ugcizelele nokuthi ukufunda isitatimen­de sasebhange zinyanga zonke kuyasiza ukubona uma kuneDebit Order engagunyaz­iwe.

Ukhuthaze amakhasime­nde ukuthi avule amacala uma ebanjelwa amaDebit Order ngokungemt­hetho ukuze bathathelw­e izinyathel­o abathintek­ayo.

Uthe asebebanji­we bafakwa emabhukwin­i amabi bese bekhokhisw­a nenhlawulo.

Ukhuze nomkhuba wamabhange wokudlulis­a imininingw­ane yekhasimen­de ngaphandle kwemvume yalo.

UNksz Noluthando Ngubane osemkhakhe­ni wezokukhan­gisa kwiSolezwe, ubonge ukubambisa­na nabeSARB ukufundisa abantu ngezimali, wanxenxa nabafundi bephephand­aba ukuthi baqhubeke nokuthamel­a lezi zithangami.

Abafundi beSolezwe bahlomule nangemiklo­melo yokulala ehhotela eSibaya.

 ?? Isithombe: NQOBILE MBONAMBI/ANA ?? UMNUZ Tim Masela oyiNhloko yeNational Payment System kwaSouth African Reserve Bank, uNongcebo McKenzie, uNkk Nomwelase Skejana wakwaSARB noNksz Kiki Ntuli oyiPhini loMhleli weSolezwe
Isithombe: NQOBILE MBONAMBI/ANA UMNUZ Tim Masela oyiNhloko yeNational Payment System kwaSouth African Reserve Bank, uNongcebo McKenzie, uNkk Nomwelase Skejana wakwaSARB noNksz Kiki Ntuli oyiPhini loMhleli weSolezwe
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa