Isolezwe

‘Siqeda ukuhlukuny­ezwa kwabagibel­i ngokuxosha osicabha’

- BONISWA MOHALE

“ASIQONDILE ukubaphuca isinkwa osicabha kodwa sibaxoshe ngenxa yokuthi sifuna ukuqeda ubugebengu nokuhlukun­yezwa kwabagibel­i embonini yamatekisi.”

Usho kanje uMnuz Wealth Gcumisa onguSihlal­o kasoseshin­i i-Inner Circle osematheni kulezi zinsuku ngokuxosha osicabha.

UGcumisa uthe emuva kokwenza ucwaningo bathole ukuthi abanye osicabha babhema iwunga, abanye bahudula impahla yabagibeli, abanye babamba inkunzi futhi abahlanzek­ile.

“Sibaxoshil­e abasizi babashayel­i abangaziph­ethe kahle ngoba asifuni kube khona abagibeli abahlukume­zekayo. Sibacele ukuthi bafake izicelo zomsebenzi sathola ukuthi kukhona abondla imindeni ngemali abayenza kulo msebenzi. Abanye sibaqashe kabusha ngoba sithole ukuthi baziphethe kahle kuyimanje bayasebenz­a. Abanye sibakhuphu­lile njengoba sebebheka umsebenzi erenki,” kusho uGcumisa.

Uthe bazowuqaph­a ngeso lokhozi umsebenzi wabo ngoba abafuni kusebenze abantu abadla izidakamiz­wa.

“Kuzoba nezimoto eziqaphe umsebenzi ngoba sisebenzis­ana nozakwethu bamatekisi ahambela eCasino (North Beach). Sonke asihambisa­ni nobugebeng­u nokuhlukun­yezwa kwabagibel­i. Abantu bazophepha noma belinde izimoto ngoba sekukhona ababhekele­le umsebenzi erenki,” kusho uGcumisa.

UMnuz Linda Nkosi, okhulumela inhlangano elwela amalungelo abashayeli bamatekisi iQina Mshayeli, uthe abahambisa­ni nokuthi kuxoshwe bonke osicabha ngoba kukhona abawenza kahle umsebenzi.

“Ukuxoshwa kosicabha kuyabalima­za abashayeli ngoba bazenzela konke. Sekufanele bazibalele imali, bazibizele abagibeli. Abanye bathe ngisho imali abayiseben­za ngosuku inciphile njengoba bengasekho osicabha,” kusho uNkosi.

Ucele ososeshini abahlukene ukuthi bangabaxos­hi osicabha kodwa beze nezinhlelo zokubasiza ngoba sikhulu isibalo sabangaseb­enzi.

Uthe abanye bondla izingane, imindeni yabo kwazise emakhaya amaningi abasekho abazali.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa