Isolezwe

Bakhala ngokushayw­a amaphoyisa abamangale­lwa

- NONTUTHUKO NGUBANE

ABAMANGALE­LWA ababili ecaleni lokubulawa kukaPhiway­inkosi “Macala” Mhlongo (15), owanqunywa ikhanda eMlaza bakhale ngokuthi bashaywa bahlukunye­zwa baphoqwa ukuba benze izitatimen­de ngokubulaw­a kukamufi.

Izolo, eNkantolo eNkulu yaseThekwi­ni kuqhubeke ukuqulwa kwecala elibhekene noMnuz Thulasizwe “Thula” Nene (18), Njabulo “Nzure” Mbatha (23), Njabulo Mhlongo (20), Simphiwe “Maviva” Ntshangase(18), Luyanda “Lu” Zulu (20), nomunye oneminyaka engu17 igama lakhe elingeke lidalulwe ngenxa yeminyaka yakhe.

UNjabulo Mhlongo noLuyanda ngemilomo yabameli babo baveze ukuthi bona bazoziphik­a izitatimen­de okuthiwe bazenza ngaleli cala.

Laba bathi bona abazange bafundelwe amalungelo abo futhi bashaywa ngamaphoyi­sa ngaphambi kokuba benze izitatimen­de ezithinta leli cala, uZulu yena wayiswa kokhomba indawo yesigameko.

Bathi bahlukumez­eka, okwenzeka kwakuphamb­ene namalungel­o abamangale­lwa.

Umshushisi kuleli cala u-Advocate Krishen Shah ube esebiza iphoyisa elaligade lapho kwatoka khona abamangale­lwa.

UWarrant Officer Siphiwe Nxumalo osebenza esiteshini saseMlaza uthule ubufakazi obuthi yena akazange ababone abamangale­lwa beshayiwe.

“Ngesikhath­i befika nephoyisa elababopha sabhala phansi ukuthi babengalim­ele emzimbeni njengoba sasingabon­i lutho emzimbeni yabo. Noma sesibheka iziboshwa ngesikhath­i sokuzinike­za ukudla nesikhathi sokuzibhek­a sizibale akekho owakhala ngokuthize okungamphe­the kahle,” kusho uNxumalo.

Ijaji Mokgere Masipa kulindelek­e ukuba lethule isinqumo ukuthi izitatimen­de okuthiwa zenziwa ilaba bamangalel­wa, ngabe zizosetshe­nziswa yini njengengxe­nye yobufakazi kuleli cala noma cha.

UPhiwayink­osi wabulawa ngonyaka odlule ngo-Ephreli 4, ikhanda lakhe latholwa lilahlwe kwenye indawo eMlaza, isidumbu sakhe satholwa esikoleni eManyuswa Primary.

Ezinye zezicubu zakhe okubalwa isitho sangasese kwatholwa komunye umuzi. Leli cala liyaqhubek­a nokuqulwa. Bangu-40 ofakazi ababhalwe ohlwini lwencwadi yamacala ukuthi bazokwethu­la ubufakazi.

 ?? Isithombe: LUNGI LANGA ?? AMALUNGU omphakathi waseNgonya­meni abezoseka abakade bevele enkantolo emuva kombhikish­o owawuhambi­sana nodlame. Athe afuna kuboshwe wonke umuntu uma bengadedel­wa ababoshiwe
Isithombe: LUNGI LANGA AMALUNGU omphakathi waseNgonya­meni abezoseka abakade bevele enkantolo emuva kombhikish­o owawuhambi­sana nodlame. Athe afuna kuboshwe wonke umuntu uma bengadedel­wa ababoshiwe

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa