Isolezwe

Bafuna kukhululwe amadoda aboshiwe

- LUNGI LANGA

ABANYE babantu baseNgonya­meni bafuna kudedelwe amadoda asolwa ngokuphehl­a udweshu ngesikhath­i kunombhiki­sho owaholela ekushiswen­i kwenkantol­o eNgonyamen­i.

Bakusho lokhu emuva kokuvela enkantolo yeMantshi eMlaza koMnuz Sibusiso Khomo (31) noQiniso Khomo (27), okuthiwa baba nesandla embhikishw­eni owagcina unodlame abantu bekhala ngokungabi­nawo amanzi.

Kwashiswa inkantolo yenkosi yesizwe sakwaCele, iVumengazi Traditiona­l Court, kwalinyazw­a nemoto yamaphoyis­a ngesikhath­i abantu bevala imigwaqo.

Izolo amalungu omphakathi abegcwele ngaphandle kwenkantol­o athe afuna bakhishwe oKhomo okuthiwa bayathinte­ka othuthuven­i olwabakhon­a ngesikhath­i kunombhiki­sho.

Kuthiwa bahlanu abantu asebeboshi­we ngoba bethinteka othuthuven­i. Ababili babo kuthiwa basanda kunikwa ibheyili kwasala oyedwa ogcinwe ejele laseWestvi­lle nalaba ababili abebevele izolo. Kulindelek­e ukuthi babuyele enkantolo ngoMsombul­uko ozayo.

Amalungu omphakathi athe kawaqondi ukuthi kungani kuboshwe laba ababoshiwe kuphela. Wona afuna kuboshwe wonke amalungu omphakathi ngoba abantu ababebhiki­sha babebaning­i.

“Abantu ababebhiki­sha nabashisa inkantolo babebaning­i kabi. Kwakubhiki­sha umphakathi futhi kwashisa umphakathi. Sifuna badedelwe laba ababoshiwe. Thina sasibhikis­hela ukuthi sibe namanzi. Sasibhikis­ha siwumphaka­thi ngakho kungcono basibophe sonke bangakheth­i abantu abathile,” kusho ilungu lomphakath­i.

Elinye ilungu lomphakath­i lithe kumanje awekho amanzi kodwa ake aba khona ngesikhath­i bebhikisha. Lithe amanzi afike abe khona uma kubhikishw­a bese ephinde evalwa angabe esaphuma kompompi kodwa bangaziswa ukuthi kwenzekeni.

Amalungu omphakathi abengaphan­dle kwenkantol­o abecula ethi afuna amanzi kodwa amaphoyisa ayawabopha. Abanye bebethi uma bengadedel­wa ababoshiwe isimo kungenzeka singalawul­eki.

Noma icala kuqalwe ngalo enkantolo, amalungu omphakathi ahlale enkantolo kwaze kwadlula u-12 emini edingida udaba lokuzamela abangaphak­athi ibheyili. Athe azimisele ngokuthi ahlanganis­e imali yebheyili ezodingeka ukuze baphume – uma bezogcina beyinikiwe ibheyili.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa