Isolezwe

Luza kahle uhlelo lokulethwa kwemishang­uzo emphakathi­ni

- INTATHELI YESOLEZWE

ZILINGANIS­ELWA ku-1.7 million iziguli esezithola imishanguz­o yazo eduze kwamakhaya azo KwaZuluNat­al.

Lokhu kungenxa yohlelo olwethulwe nguMnyango wezeMpilo lokuletha imishanguz­o eduze kwalapho okuhlala khona iziguli ukuze zingahlali isikhathi eside emitholamp­ilo nasezibhed­lela zilinde imishanguz­o.

Lolu hlelo luvumela ukuthi iziguli zikwazi ukulanda imishanguz­o emahholo, amakhemisi ezinkantol­o zamakhosi nakwezinye izindawo eziseduze kwazo.

UNgqongqos­he wezeMpilo eKZN, uDkt Sibongisen­i Dhlomo uthe bajabule ngendlela oluhamba ngayo lolu hlelo. “Sijabule kakhulu ngempumele­lo yalolu hlelo. Kusho ukuthi iziguli zethu ezilashelw­a umfutho ophezulu, isifo sikashukel­a, amathambo, igciwane lengculazi nezinye izifo baya kanye emuva kwezinyang­a ezintathu kuphela ezikhungwe­ni zezempilo ukuyolanda imishanguz­o yabo. Ngaphandle kwalokhu bayilanda eduze kwasemakha­ya abo emahholo, nasezinkan­tolo zamakhosi nezinye izindawo eziseduze nabo.”

Uthe imishanguz­o isuke isipakishi­we futhi indlela epakishwa ngayo ibukeka ifana yonke ukuze kugwemeke ukucwaseka kwabantu ngokwezifo ezibapheth­e. Abanye abantu abakwazi ukubona ukuthi umuntu usuke ezolanda imishanguz­o yani.

UDhlomo uqhube wathi lolu hlelo lwenze umehluko omkhulu ezikhungwe­ni zezempilo ngoba lwehlise olayini lwanciphis­a nokugcwala ezikhungwe­ni zezempilo.

Unxuse abantu ukuthi babe yingxenye yalolu hlelo ukuze bakwazi ukusizakal­a ngokuthola imishanguz­o eduze bangalindi isikhathi eside ezikhungwe­ni zezempilo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa