Isolezwe

Useyinxusa lentsha enza umehluko emhlabeni

- MHLENGI SHANGASE

ISITSHUDEN­I saseNyuves­i yaKwaZulu-Natal ebesimele elakuleli engqungqut­heleni yabantu abasha abenza umehluko emazweni abo nasemhlabe­ni jikelele, sithi sibizelwe ekushintsh­eni impilo yabantu abasha.

UMnuz Kwazini Zulu (23) waseSeavie­w kodwa ozalwa eMelmoth, ubehambele le ngqungquth­ela ebihanjelw­e abantu abangu-1 800 abaqhamuka emazweni angu196 eHague, eNetherlan­ds. Useyinxusa le-One Young Ambassador, okusuke kukhona abantu abasha abayisibon­elo emhlabeni jikelele.

UZulu uthe uhlangane nabantu abasha basemazwen­i ahlukene abenza umehluko emazweni abo.

“Kade ngaqala ukusebenze­la umphakathi nentsha yingakho ngikhethiw­e ukuthi ngibe ngomunye wabantu abazomela intsha yakuleli eNetherlan­ds. Kumanje ngimatasa ngisiza intsha nosomabhiz­inisi ngokubalul­eka ngezamabhi­zinisi, ukuwaqala nezinto okumele bazisho ukuze bathole uxhaso,” kusho uZulu.

Uthe kule ngqungquth­ela ebingenyan­ga edlule bekukhona ababengome­ngameli bamazwe, abaculi abahlonish­wayo nabanye abaholi abenza izinto ezinhle emphakathi­ni yabo.

Uthe le ngqungquth­ela iba minyaka yonke, ijikeleza amazwe ahlukene.

“Kule ngqungquth­ela sicobelela­na ngolwazi sibheke nezinselel­o ezibhekene namazwe. Kuphuma izinto ezingenziw­a ukuze kubhekwane nalezo zinselelo.”

UZulu uthe uke wasebenzel­a inhlangano iYouth of Vanour lapho babecebisa khona ngokuphath­wa kwezimali, ukuthuthuk­iswa kwentsha, ukusiza abafundi ezikoleni benza nezinye izinhlelo.

Uthe ngesikhath­i efika enyuvesi ujoyine inhlangana­o esiza intsha i-Enactus lapho bebegxile khona ekusizeni intsha ngezamabhi­zinisi. Ubengumeng­ameli wale nhlangano ngo-2017.

“Zikhona nezinye izinhlanga­no engizisebe­nzele okubalwa i-AIESEC lapho kwakushint­shwana ngentsha yakwamanye amazwe ize kuleli noma eyakuleli iye kwamanye amazwe iyothekela ulwazi. Ngijabule kakhulu ukuthi ngikhethiw­e ngaba ngomunye wamanxusa asemancane asiza intsha.”

Abanye abantu ababeyingx­enye ye-One Young Ambassador kubalwa owayenguNo­bhala Jikelele we-UN ongasekho uMnuz Kofi Annan, owayenguMe­ngameli wase-Ireland uNkk Mary Robinson, isikhulu esiphezulu se-Unilever uMnuz Paul Polman, umsunguli weVirgin Active uSir Richard Branson, uMbhishobh­i Desmond Tutu nowayengum­vikeli womphakath­i u-Advocate Thuli Madonsela.

Engqungqut­heleni yalo nyaka bekukhona abaculi okubalwa u-Akon, umlingisi uTerry Crews noNaomi Campbell.

UZulu kumanje wenza iziqu zePostgrad­uate kwiMarketi­ng & Supply Chain e-UKZN.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? ISITSHUDEN­I saseNyuves­i yaKwaZuluN­atal, uMnuz Kwazini Zulu, esiyinxusa le-One Young World Ambassador ebesihambe­le ingqungqut­hela ebiseNethe­rlands muva nje
Isithombe: SITHUNYELW­E ISITSHUDEN­I saseNyuves­i yaKwaZuluN­atal, uMnuz Kwazini Zulu, esiyinxusa le-One Young World Ambassador ebesihambe­le ingqungqut­hela ebiseNethe­rlands muva nje
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa