Isolezwe

Idinga ukusukunye­lwa eyezinking­a ezibikwa kwezezempi­lo

-

UMA kukhulunyw­a ngezikhung­o zezempilo amehlo ajwayele ukuhlala kwezikahul­umeni. Kuvame ukukhalwa ngazo ngokungabi sesimeni esihle nokungakwa­zi ukusiza iziguli ngendlela esezingeni elifanele.

Nabasebenz­i bazo bakhala ngokugcwal­a kakhulu kuzo nokwenza babe nomsebenzi ongaphezu kwamandla abo.

Esinye sezigameko esibike ngazo ezifakazel­a lokhu ngesesibhe­dlela saseThekwi­ni iKing Dinuzulu, ezinye iziguli zaso ezikhala ngokuthi ziphindise­lwe emuva ngoba kuthiwa kushoda abasebenzi okubalwa kubo nodokotela.

Ngenxa yomthamo omkhulu wabantu abahambela izikhungo zezempilo zikahulume­ni nokufuduka kwabaseben­zi, izinkinga zilokhu ziqonga.

Ezinye zalezi zinkinga kuba ngamaphuth­a agcina eseholele ekutheni kuboshwe uMnyango wezeMpilo ngamacala obudedengu.

Kamuva kuze kwavela ukuthi uMnyango wezeMpilo ubhekene namacala obudedengu adinga ukukhokhel­wa uR17.5 billion.

UNgqongqos­he woMnyango wezeMpilo kuzwelonke, uDkt Aaron Motsoaledi, wezwakalis­a ukukhathaz­eka ngalesi simo.

Ukhathazek­a kufanele ungqongqos­he ngoba inkulu kabi le mali nokusho ukuthi maningi amaphutha abengagwem­eka umnyango oboshelwa wona.

Okunye okukhathaz­ayo yimiphumel­a yocwaningo olusanda kwenziwa yiStellenb­osch University ngezibhedl­ela ezizimele.

Umbiko wocwaningo uveza ukuthi akumaphuth­a kuyafiwa nasezibhed­lela ezizimele yize kubukeka sengathi enzeka kakhulu ezibhedlel­a zikahulume­ni.

Kuvela ukuthi amaphutha enziwa ngabahleng­ikazi nodokotela aholela ekutheni iziguli zidinge ukuhlinzwa, ezinye zikhubazek­e kube khona nezishonay­o.

Lesi simo siveza ukuthi liyehla izinga lokunakeke­lwa kweziguli ezikhungwe­ni zezempilo, kungabe ezikahulum­eni noma ezizimele.

Akumele izitshwe le nkinga ekubeni kukhona izikhungo ezenza imali ngokubeka impilo yeziguli engozini.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa