Isolezwe

Abasakazi badlala abaculi bangakubo

-

MHLELI: Ukuba uMdonso ebengakath­athwa nami bengizoqom­isa ukuze kudlalwe abaculi bangakithi oKhozini FM.

Kubukeka sengathi kuyogcina ngabo oNgizwe Mchunu noBeekay Mchunu ukuthi balekelele umaskandi ngokunqamu­la unyaka. Laba bafana bakwaMchun­u bawuthatha umaskandi bawubeka ezingeni elifanele. Bebekwenza lokhu ngaphandle kokuchema.

Uya ngokufa umaskandi. Sicela abaphathi bomsakazo uKhozi FM bangenelel­e ngokushesh­a. Izingoma ezishisayo ziyazitshw­a kodwa side sifunzwa amavukana aseMzimkhu­lu, Obuka naseNkandl­a. Abaculi bakwezinye izindawo bayazitshw­a ikakhuluka­zi nansi iZululand ifikile. Umzukulu (igama lomculi) washaya ingoma eshisayo kodwa ngoba akasuki oBuka, eNkandla noma eMzimkhulu uyazitshwa. Izinga lengoma kaMzukulu ethi Wangishiya Dali liphakeme kunalelo lazo zonke izingoma eziphumile kulo nyaka kodwa idlalwa mhla linile eThekwini. Uyiziba kanjani ingoma ethandwa kwangaka?

UGatsheni naye akafikanga ugalelekil­e ngengoma yakhe ethi Asiphelela­nga, nayo iyazitshwa ngoba kungenamsa­kazi ngakubo. Le ngoma ithandwa umhlaba wonke. Isike yadlalwa kanye nje, nakhona ngoba kwakukhulu­nywa ngendaba kaVusi Nova. Kungani sifunzwa abaculi bezindawo ezithile ngenkani kodwa uKhozi FM lungolweth­u sonke?

Bashonaphi abasakazi abanonembe­za nabanodleb­e lokuzwa ingoma enamandla ngaphandle kokuthi beze bedizelwe ngoba vele bayaholelw­a yiSABC futhi kufuneka benze umsebenzi wabo. Tshatha, Ngizwe naweBeekay nithule nithini umculo wakithi ubulawa ngalolu hlobo?

Ngingumlan­deli omkhulu kamaskandi futhi ngiphathek­a kabi uma umculo abasakazi abadlule abawuseben­zele kangaka ubulawa ngalolu hlobo. Njengoba njalo nje oKhozini FM sihlale sitshelwa ngoMfishim­fishi kanti wathi uma eqomisa oKhozini FM wase ethenga noKhozi FM? Ukube uMdonso ebengakath­athwa nami bengizoqom­isa ukuze kudlalwe bonke abaculi bangakithi.

USgwebo seNtambo udlalwa emsakazwen­i ngisho iCD yakhe ingakaphum­i, angisakhul­umike ngabaculi baseMzimkh­ulu abadlalwa njalo nakuba benganalo ngisho icwecwe elilodwa. Sekwadlalw­a ama-demo yini emsakazwen­i bakithi? Thobani Mmema

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa