Abasakazi badlala abaculi bangakubo
MHLELI: Ukuba uMdonso ebengakathathwa nami bengizoqomisa ukuze kudlalwe abaculi bangakithi oKhozini FM.
Kubukeka sengathi kuyogcina ngabo oNgizwe Mchunu noBeekay Mchunu ukuthi balekelele umaskandi ngokunqamula unyaka. Laba bafana bakwaMchunu bawuthatha umaskandi bawubeka ezingeni elifanele. Bebekwenza lokhu ngaphandle kokuchema.
Uya ngokufa umaskandi. Sicela abaphathi bomsakazo uKhozi FM bangenelele ngokushesha. Izingoma ezishisayo ziyazitshwa kodwa side sifunzwa amavukana aseMzimkhulu, Obuka naseNkandla. Abaculi bakwezinye izindawo bayazitshwa ikakhulukazi nansi iZululand ifikile. Umzukulu (igama lomculi) washaya ingoma eshisayo kodwa ngoba akasuki oBuka, eNkandla noma eMzimkhulu uyazitshwa. Izinga lengoma kaMzukulu ethi Wangishiya Dali liphakeme kunalelo lazo zonke izingoma eziphumile kulo nyaka kodwa idlalwa mhla linile eThekwini. Uyiziba kanjani ingoma ethandwa kwangaka?
UGatsheni naye akafikanga ugalelekile ngengoma yakhe ethi Asiphelelanga, nayo iyazitshwa ngoba kungenamsakazi ngakubo. Le ngoma ithandwa umhlaba wonke. Isike yadlalwa kanye nje, nakhona ngoba kwakukhulunywa ngendaba kaVusi Nova. Kungani sifunzwa abaculi bezindawo ezithile ngenkani kodwa uKhozi FM lungolwethu sonke?
Bashonaphi abasakazi abanonembeza nabanodlebe lokuzwa ingoma enamandla ngaphandle kokuthi beze bedizelwe ngoba vele bayaholelwa yiSABC futhi kufuneka benze umsebenzi wabo. Tshatha, Ngizwe naweBeekay nithule nithini umculo wakithi ubulawa ngalolu hlobo?
Ngingumlandeli omkhulu kamaskandi futhi ngiphatheka kabi uma umculo abasakazi abadlule abawusebenzele kangaka ubulawa ngalolu hlobo. Njengoba njalo nje oKhozini FM sihlale sitshelwa ngoMfishimfishi kanti wathi uma eqomisa oKhozini FM wase ethenga noKhozi FM? Ukube uMdonso ebengakathathwa nami bengizoqomisa ukuze kudlalwe bonke abaculi bangakithi.
USgwebo seNtambo udlalwa emsakazweni ngisho iCD yakhe ingakaphumi, angisakhulumike ngabaculi baseMzimkhulu abadlalwa njalo nakuba benganalo ngisho icwecwe elilodwa. Sekwadlalwa ama-demo yini emsakazweni bakithi? Thobani Mmema